Everson Luhanga
Uzame ukudubula umshana wakhe kathathu.
Kodwa ngaso sonke isikhathi uma ezama ukudubula, isibhamu besivele sinxaphe.
Ngesikhathi isibhamu sihluleka okwesithathu, uDipuo Tshabalala uthe bekufanele athathe isinyathelo futhi azivikele kumalume wakhe obefuna ukumdubula.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uDipuo wase-Alexandra eGoli uthe uvele wagxumela umalume wakhe wamshaya.
“Ngimhlulile ngamandla, ngasusa kuye isibhamu, ngaqala ngamshaya ngaso,” kusho uDipuo
Uthe umalume wakhe ubezama ukuthatha indlu yakhe ayishiyelwa abazali bakhe. “Indlu yami le futhi nginawo wonke amaphepha okukhombisa ukuthi indlu yami.
“Kodwa umalume akafuni ukungibona nginomuzi futhi uza kimi njalo ezongihlukumeza.”
Uthe yize ejwayele ukubona umalume wakhe emhlukumeza futhi emsabisa, ubengacabangi ukuthi kuzofika kulokhu. “Ukube isibhamu asinxaphanga, ngabe angikhulumi nawe manje.
“Ngemuva kokuzinikela kwakhe, ngiphonse isibhamu ngaphansi kombhede ngaphuma ngabaleka ngaya endlini ngiyofuna usizo,” kusho uDipuo.
Uthe umalume wakhe uhambe ephoxekile ngesikhathi esuka endlini. “Labo abambona ngakusasa bangitshela ukuthi ubedumbile.”
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng uLieutenant-Colonel Mavela Masondo uthe amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala.