Owesifazane udutshulwe yisoka lakhe ebelimhlukumeza lalimaza nodadewabo obezama ukumvikela

Doreen Mokgolo

USibongile Mgabadeli akazange acabange kabili ngokuvumela usisi wakhe ukube abalekele ekhaya kunokuqhubeka nokuhlukunyezwa owayethandana naye. Kodwa akakwazanga ukumvikele ngenkathi ebahlasela.

Usisi kaSibongile obeneminyaka engama-40 uCwengile Mgabadeli udutshulwe washona yisoka lakhe ebelinesikhwele ngeSonto esiphuma kulo.

USibongile odutshulwe ezama ukuvukela usisi wakhe manje ulwela impilo yakhe esesimeni esibucayi esibhedlela.

UCwengile ohlala e-Tsakane endaweni yase-Ekurhuleni watshela umndeni wakhe ukuthi isoka lakhe belimhlukumeza liphinde limsabise ngokumbulala nendodana yakhe.

Watshela umndeni wakhe ukuthi ufisa ukumbalekela, kodwa ubengenayo imali yokugibela aye eTembisa komunye umndeni wakhe.

Usisi wakhe uSibongile akazange aluthathe uhambo lwakhe lokuya e-Tsakani ntambama ngenqobo yokufuna ukuvikela usisi wakhe kwisoka lakhe ebelimuhlukumeza.

Omunye welungu ovumile ukukhuluma ne-Scrolla.Africa ongathandanga lidalulwe igama lakhe uthe uCwengile ukwazile ukuthola ikhaya likasisi omdala eliselokishini Kwa- Thema.

“Okubuhlungu lo obekwe icala oneminyaka engama-46 ungene kubo ngendluzula efuna ukukhuluma nentombi yakhe ngenkani” kusho ilungu lomndeni.

“Ngesikhathi ebona ukuthi amalungu omndeni awamphenduli ube eseqala ukumthuka phambi komndeni wakhe”.

USibongile uzamile ukungenelela ukuze avikele usisi wakhe, kodwa umsolwa ube esekhipha isibhamu wadubula ebhekise ngakubona bobabili.

Abezimo eziphuthumayo bakuqinisekisile ukuthi uCwengile ushone khona endaweni yesigameko, kodwa uSibongile uphuthunyiswe esibhedlela.

“Siyesaba ukuthi angabuya ukuzoqedela into abeyiqalile njengoba ebalekile” kusho ilungu lomndeni.

Okhulumela amaphoyisa ase-Tsakani uSayitsheni Lerato Mngomezulu uqinisekisile ukuthi amaphoyisa athungatha umsolwa.

Izihloko zakamuva