OWESIFAZANE UBULAWELWE UMAKHALEKHUKHWINI

Lungani Zungu

UNontobeko Mtshali oneminyaka eyishumi nesishiyagalombili ushaywe ngesando nangezinduku washona phambi kwezengane zakubo nomama wakhe- kusolakala ukuthi bekuntshontshwa umakhalekhukhwini.

Ubusuku bokuphuza kakhulu endlini kamakhelwane wakhe eMpangeni, e-KZN, buphele ngesikhathi kunyamalala umakhalekhukhwini kwathi abesilisa abane basola le ntombazane ngokweba.

Abasolwa abane, abaziwayo emndenini wakhe, balandela uNontobeko baya kubo, okuyilapho okuthiwa baqale bamushaya khona phambi kwezingane zakubo.

Umama wakhe, uZethu Nkwanyana, ubuke engenamandla okusiza lapho indodakazi yakhe iphefumula okokugcina.

“Baqhubeka nokumshaya yize ebekhalela ecela ushwele. Bebememeza bethi ‘uphi umakhalekhukhwini wethu?’ Labo bafana abananhliziyo,” uyasho.

Baqhubeka nokumshaya noma esebanikile umakhalekhukhwini.

UNkwanyana uthe indodakazi yakhe itshele abasolwa ukuthi ubegcine umakhalekhukhwini ngoba umnikazi wawo ubephuzile kanti bekungasikho ukuthi uyayintshontsha.

Abasolwa ngokubulala bavele eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni ngoLwesibili, icala lahlehliselwa umhla zingama-22 kuMbasa.

UNkwanyana uchaze uNontobeko njengendodakazi enothando futhi enakekelayo.

Amakhulu abahlali ahlangane ngaphandle kwenkantolo ngoLwesibili ezokweseka umndeni odabukile.

Isakhamuzi uThabani Ngcobo uthe: “Sifuna ukuthi laba bafana bathole isigwebo esiqine kakhulu ngobuhlungu ababuzwise umndeni.”

Ikhansela lesigceme uSipho Ntombela uthe kubuhlungu ukuthi abesifazane baqhubeke nokubulawa yize kunemikhankaso eminingi yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane.

“Sidinga ukwenza okuningi ukufundisa abesilisa ukuthi abantu besifazane abasizona izinto,” uyasho.

Uthe bazokwenza konke okusemandleni ukubona ababulali bevalelwe ejele.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uthe muva nje udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane lusezona yilona oluhamba phambili kuye.

Izihloko zakamuva