Owesifazane uboshelwe ukugqugquzela ukugqekezwa kwezitolo zabantu bokufika

Doreen Mokgolo

Owesifazane oneminyaka engama-21 uphakathi kwabantu abane ababoshelwe ukugqugquzela udlame eDuduza, e-Ekurhuleni.

Kusolwa ukuthi wasungula wasabalalisa nemiyalezo ezinkundleni zokuxhumana ekhuthaza abahlali baseDuduza ukuba bacekele phansi bagqekeze izitolo zabantu bokufika.

Kushone abantu ababili eDuduza ngesonto eledlule, phakathi kwesibalo sabantu abashonile abangama-212 kulo lonke elase-Gauteng naKwaZulu-Natali.

Okhulumela amaphoyisa aseDuduza uSayitsheni Harry Manaka ukuqinisekisile ukuthi umsolwa udedelwe ngebheyili yama-R500 ngoMgqibelo.

Amaphoyisa aphenya nokuthi wayithola kanjani ibheyili ngokungemthetho ngaphambi kokuvela eNkantolo yeMantshi yase-Nigel.

Indawo yenyama, amakhemisi kanye nezitolo eziningi zabokufika bekungezinye zezinto ezicekelwe phansi izigebengu phakathi nesonto.

Abanye abasolwa ababili baboshiwe e-West Rand ngamacala afanayo, omunye wabo wayengumsakazi woKhozi FM nomhlaziyi wezenhlalo uNgizwe Mchunu.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS uColonel Brenda Muridili uthe imiyalezo esatshalaliswa yilona wesifazane “ibangela ukwesaba emiphakathini yethu futhi ilulaza igunya lombuso”.

“I-Intelligence Coordinating Community (ICC) iyazi ukuthi kunemiyalezo eminingi ezungeza ezinkundleni zokuxhumana ezehlukene, esabisa ngokuhlasela iziteshi zamaphoyisa; ukuhlasela izinkantolo zomthetho nengqalasizinda esemqoka njengamapayipi kaphethiloli nezinto zokuhluza; nokucekela phansi okuningi,” engeza.

I-National Joint Operational and Intelligence Structure (NatJOINTS) ithi isihlanganise izinsizakusebenza ukubhekana nezikhala ezivusa uhlevane ezinkundleni zokuxhumana.

Ubuye waxwayisa abantu abathenga izinto ezebiwe ukuthi bazoboshelwa ukutholakala nempahla eyebiwe.

“E-Gauteng, ngesikhathi kwenziwa imisebenzi yokungena emahostela amaningi e-Tembisa, eGoli, e-Alexandra nase-Moroka, kuboshwe abasolwa abayi-14 ngokutholakala nempahla okusolwa ukuthi yebiwe, kwathi abangama-92 baboshwa KwaZulu-Natali,” esho.

Izihloko zakamuva