Owesifazane osiza abafundi abampofu ngokudla kwasemini

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Ngesikhathi uNomthandazo Zituma esemncane wayevame ukucela abanye abafundi ukuthi adle nabo isidlo sasemini ngoba umndeni wakhe wawungenayo imali yokumyisa esikoleni nesinkwa nojamu nsuku zonke.

Kusukela ngonyaka odlule, uNomthandazo ubelokhu elungiselela izingane ezimpofu ukudla kwasemini emijondolo yase-Barcelona eduze naseKapa.

“Ngisebenza esaluni futhi angenzi imali eningi, kodwa ngemali encane enginayo, ngithenga izinto ezifana nesinkwa, imajarini nezinye izinto engizidingayo ukuze ngenze ukudla kwasemini kwezingane,” kusho uNomthandazo.

Ulungiselela abafundi ukudla kwasemini ngoMsombuluko, ngolwesithathu nangoLwesihlanu.

UNomthandazo uthe ibuhlungu inhliziyo yakhe uma ebona izingane ziya esikoleni zingadlile.

“Ngisiza zonke izingane, kodwa isibalo sanda nsuku zonke, ngakho kwadingeka ngehlise sibe yizingane ezingu-15. Ngiphatheke kabi ngokwenza lokho kodwa bengingenayo enye indlela ngoba konke ekumele ngikufake esinkweni kuyabiza,” kusho yena.

Izingane ziletha izitsha zazo zokudla ngayizolo futhi zizilande ngosuku olulandelayo ngaphambi kokuya esikoleni. Isitsha ngasinye sasemini sinesinkwa, upholoni, imajarini, nejusi.

“Ekupheleni kwenyanga ngibalungisela ama-paty pack. Isifiso sami ukuthi yonke ingane ibe nenjabulo namathuba afanayo. Ngifuna nokubaphekela nabahlala emgwaqweni,” kusho uNomthandazo.

UNonkululeko Ntobela (4) wasemijondolo yaseBarcelona, ​​uqale wangabaza ukuthi uNomthandazo ubehlinzeka ngezitsha zokudla mahhala.

Nokho-ke ngemuva kokuzwa ngomzali onengane ethola ukudla kuNomthandazo, uncome igalelo lakhe emphakathini. 

Isithombe esingenhla: Izingane nezitsha ezinokudla.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva