Owesifazane onegciwane lesandulela ngculazi uphathwe igciwane lokhuvethe izinsuku ezingama-219

Arthur Greene

Ngemuva kokuthi owesifazane onegciwane lesandulela ngculazi ephathwe ukhuvethe izinsuku ezingama-219, abacwaningi bacela ukuthi abantu abanegciwane lesandulela ngculazi bathole kuqale umgomo wokugomela ukhuvethe.

Ezinyangeni eziyisikhombisa lo wesifazane etheleleke ngegciwane lokhuvuthe, abacwaningi bathole ukuthi leli gciwane liguquka kakhulu.

Owesifazane, ophakathi kweminyaka engamashumi amathathu nantathu, ungeniswe esibhedlela izinsuku eziyisishiyagalolunye ngenxa yegciwane lokhuvuthe. Ngesikhathi esesibhedlela, wabamba iqhaza ocwaningweni olwalubheka umphumela wokutheleleka ngokhuvethe kumasosha omzimba omuntu onegciwane lesandulela ngculazi.

Ube esehlolwa ukuthi unalo yini leli gciwane amahlandla ayisishiyagalolunye okuhlolwa okuyisishiyagalolunye ezinsukwini ezingama-233.

Lolu cwaningo lethulwe nguDkt Alex Sigal, ovela ku-Africa Health Research Institute KwaZulu-Natal, kulo nyaka kwi-European Congress of Clinical Microbiology & Infectious Diseases, ebibanjwe enkundleni yokuxhumana ngoLwesihlanu.

Ngaphambi kwalolu cwaningo, isandulela ngculazi kwakucatshangwa ukuthi igciwane elididayo elandisa ubungozi bokulaliswa esibhedlela nokufa uma uhaqwa ukhuvethe. Kodwa-ke, kubeka usongo oluncane kunezinye izifo, njengesifo sikashukela.

Abaphenyi kulolu cwaningo bathole ukuthi abantu abanesandulela ngculazi bazokuthola kunzima kakhulu ukukhipha imizimba yabo igciwane lokhuvuthe, futhi kungenzeka bahlale bethelelekile ngalo isikhathi eside kakhulu.

Abantu abanamasosha omzimba antekenteke, njengalabo abanesandulela ngculazi, kungenzeka bahlushwe igciwane lokhuvuthe isikhathi eside.

Ngokusho kukaDkt Sigal, ukhuvethe “ingashintsha kakhulu kumuntu oyedwa uma ukutheleleka kuqhubeka.

“Imiphumela enjalo igcizelela isidingo sokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu ophila negciwane lesandulela ngculazi uthola ukwelashwa okufanele. Uma kungenjalo, kungenzeka ukuthi izinhlobo ezinamandla kakhulu kunalezi ezisabalala manje zingavela kubantu abanamasosha omzimba alimele kakhulu,” kuchaza uDkt Sigal.

Lo wesifazane welashwa ukhuvethe ngemuva kokushintshwa kokwelashwa kwakhe ngosuku lwe-190 lokuba naleli gciwane.

UDkt Sigal uthi ukwelashwa ngemishanguzo kungaba yindlela yokuvikela ukhuvethe kubantu abanesandulela ngculazi elisezingeni eliphezulu.

Uphinde wathi uma abantu abanesandulela ngculazi kungenzeka ukuthi babe nokhuvethe isikhathi eside, kumele besheshe bagome.

Izihloko zakamuva