Owesifazane okwabulawa izingane zakhe ngesandla somnyeni wakhe usethole uthando olusha

Moyahabo Mabeba

Usethole uthando olusha uSylvia Monyela owafelwa izingane zakhe ezine ezabulawa nguyise ngo-2020, njengoba manje esethole enye ingane nesoka lakhe elisha.

USylvia uthole umntwana nesoka lakhe elisha uKabelo Setho, futhi ubheke ngabomvu ukwakha impilo entsha.

Ngomhlaka-14 kuMasingana ingane yakhe izobe inezinyanga ezintathu izelwe. Bayiqambe ngelikaKgomotso, okuyigama lesi-Pedi elisho induduzo.

NgoNhlangulana ngonyaka ka-2020, owayengumyeni kaSylvia ngaleso sikhathi, ummeli uLucas Phasha, wabulala uKatlego, uJoyce, uTshepo kanye no-Adel esigodini sase-Ga-Phasha e-Sekhukhune, e-Limpopo.

Izingane ezine zazineminyaka ephakathi kwemithathu neyisishiyagalolunye.

INkantolo enkulu yase-Polokwane ithole uPhasha enamacala amane futhi yamgweba odilikajele abane.

USylvia uthe ukuba nobudlelwane kwakhe noPhasha kwaba iphutha elikhulu aseke walenza empilweni yakhe.

“Lokhu ngikufanisa nephupho elibi kakhulu. Kuze kube yimanje ngiyazibuza ukuthi kungani ngangihleli nesilwane,” kusho uSylvia. 

“UKgomotso ngeke azesule izinyembezi zokulahlekelwa izingane zami ezine, kodwa uyangisiza ukululama kancane kancane.”

Uthe intombazanyana yakhe nomyeni wakhe bayamjabulisa kakhulu.

“Noma kuthatha isikhathi ukudlula entweni kodwa ngiyakuthola ukuthula. UKabelo ungiphatha kahle futhi unginika ithemba.”

USylvia noKabelo abasebenzi kodwa owesilisa uyakwazi ukuziphilisa ngokwenza imisebenzi abambe lapha nalapha.

“Yize ngisafuna umsebenzi wokulekelela umuntu wami, kodwa wenza konke ukuze sijabule,” kusho uSylvia.

Umngani kaSylvia uPheladi Seemela, uthe selokhu kwafika usana, umngani wami ubelokhu emamatheka njalo.

“Ngemuva kwaleso sigameko esibuhlungu umngani wami useyalulama. Usazikhumbula izingane zakhe ezabulawa njengoba ehlale ekhuluma ngazo kodwa kulezi zinsuku ugxile kakhulu  kuKgomotso.”

Izihloko zakamuva