Isilo sixwayise uMengameli waseZimbabwe ngabantu bakhe abaxhaphaza imithetho yaseMzansi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Isilo uMisuzulu kaZwelithini sitshele uMengameli waseZimbzabwe ukuthi alikho izwe okumele kube kwampunzedlemini ngokuthi kuthutheleke abantu abangenawo amaphepha noma kanjani ngoba naso bafike basifuna amaphepha ezweni lakhe.

Ingonyama ikusho lokhu emhlanganweni ebinawo noMengameli u-Emmerson Mnangwangwa ezindlini zombuso eZimbabwe ngoMsombuluko.

Kulo mhlangano ingonyama ibihambisana neKumkani yesizwe samaMpondo aseNyandeni uNdlovuyezwe Ndamase kanye noNdunankulu kaZulu osanda kuqokwa Inkosi uphathisizwe Chiliza.

Inhlosongqangi bekuxoxwa kabanzi ngenkinga yabantu baseZimbbwe abathutheleka eNingizimu Afrika beqe imingcele bengenawo amaphepha bese bebandakanyeka ezenzweni zobugebengu obehlukene.

Okunye bekuxoxwa nangemibhikisho ekhona kuleli eholwa iMarch and March yokukhalaza ngokugcwala kwabantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho.

“Njengoba nami ngilapha nje ezweni lakho ngifike ngabuzwa amaphepha nokuthi ngizokwenzani lapha eZimbabwefuthi ngizohlala isikhathi esingakanani. Lokhu kusho ukuthi imithetho yokungena kunoma iliphi izwe isebenza ngisho kimi ngibe ngiyiSilo, ayiykhethi bala kamuntu. Okunye ukuthi uma izwe lilwisana nendaba yabantu abasuke bengene kulo ngokungemthetho, lokho akuchazi ukuthi kunenzondo ebhekiswe kwabakwamanye amazwe kodwa kungukuba balandele imithetho ngoba alikho izwe okumele kube kwampunzi edlemini,” kusho Isilo.

Siqhube sathi kumanje kunenkinga eNingizimu Afrika yemingcele engopotsho abantu abakwazi ukuyisebenzisa besuka eZimbabwe ukuze bangene eMzansi ngokengemthetho.

Ingonyama ithi le nkinga inkulu kakhulu kanti yiyo lena esidale ukuba abantu bathukuthele balwe nokugcwala kwabakwamanye amazwe abangena ezweni ngokungekho emthethweni.

Iqhuba yathi kuMnangangwa nakuba kukhona ubuhlobo Phakathi kwabantu baseZimbabwe nabaseNingizimu Afrika ikakhulukazi KwaZulu kodwa akusho ukuthi kukhona okumele baxhaphaze imithetho yezwe ngokuthi bangene kulo ngokungekho emthethweni.

OMdala ubuye wakhumbuza uMnangangwa ukuthi iZimbabwe iyizihlobo ezinkulu nesizwe sikaZulu njengoba uMzilikazi kaMashobane ayesebenza neLembe nokwathi ngemumva kwalokho wayokwakha uBulawayo eZimbabwe kanti abantu bakhe kuze kubemanje basakhonza kwaZulu.

Lo mhlangano wenzeka nje isimo sibi kwezinye izingxenye zeNingizimu Afrika lapho abaseSomalia besolwa ngokulwa nabakuleli eKapa ngoba kubangwa izindawo zokudayisa.

Lokhu sekudale ukuba ibandla lamaSheshi likhuze umhlola lishweleza ukuba kwehle imimoya nhlangothi zombili , laphinde lasola uHulumeni ngokubanomthelela kwintukuthelo yabantu bakuleli asebeyikhiphela kwabokufika ngenxa yokuswela amathuba emisebenzi.

Lolu daba lubhungwe kabanzi enkonzweni uyesinothi ebiseKapa yaleli bandla njengoba amakholwa ekhulekele ukuthula kuleliya dolobha kanti abefundisi bona bahlela ukuhlangana nezinhlaka ezithintekayo okubalwa abaholi beMarch and March nabeDudula.

Izihloko zakamuva