Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UNdlunkulu weSilo uMisuzulu kaZwelithini okunguDkt Nozizwe Mulela-Zulu ukhala ngabesifazane ukuthi basenovalo lokuthatha izikhundla eziphezulu endimeni yokuphatha amabhange.
Ukusho lokhu engxoxweni abenayo nesiteshi sikamabonakude saseKenya okuyiNTV Kenya ohlelweni iFixing the Nation ngoLwesihlanu noluyilapho abexoxa khona ngomsebezi wakhe kanye nokugana endlunkulu kaZulu.
UDkt Mulela ungowesifazane wokuqala ukuphatha ibhange lesizwe laseSwatini okuyilapho ezinze khona yize eganele kwaZulu futhi nesigodlo sakhe sikwakhangela Amankengana eNdlovini.
Uthe kumanje basebathathu kuphela abantu besifazane Eswatini abaphethe izikhundla eziphezulu emabhange ngenxa yokuthi le ndima isalawulwa kakhulu abantu besilisa.
“Abantu besifazane basasaba ukuthatha izikhundla eziphezulu zokuphatha amabhange njengoba nje eSwatini sibathathu kuphela abantu besifazane abaphethe amabhange. Inselelo enkulu ukuthi abantu besifazane basasaba ukuthatha lezi zikhundla ngoba abanye becabangela imindeni yabo ngenxa yokuthi lezi zikhundla zidinga isikhathi namahora amade usemsebenzini uphinde uhambe nemihlangabho eyahlukene.
Uqhuba uthi kufanele abantu besifazane bayeke ukushawa uvalo kodwa bazithathe izikhundla ezibalulekile kunoma ngabe imuphi umkhakha ukuze bangazitholi sebethathelwa izinqumo abantu besilisa.
Uthe nasePhalamende akumele banqene ukuba ingxenye yokuthatha izinqumo ezibalulekile ngoba ekugcineni lezo zinqumo zigcina zithinta bona ngqo kanye nekusasa labo empilweni.
UDkt Mulela uthi njengoba ephethe ibhange lo mbuso wenza isiqiniseko sokuthi kunemali ebhekene nezinhlelo zabesifazane baphinde futhi babaqeqeshe ukuze bekwazi ukuhlangabezana nemigomo ebavumela ukuthi bakwazi ukuthola imali uma befake izicelo ebhange.
Ubuye wakuveza nokuthi ubuye azinze eSwatini ngenxa yomsebenzi wakhe wokuphatha ibhange lo mbuso.
Uthe wangena kulo mkhakha ngemumva kwesikhathi eside ekwezomthetho nokungumsebenzi awuchaza ngokuthi wawusumbangela isizungu, engasakwazi ukuzibona enenqubekela phambili kuwo.
Uveza ukuthi ngemumva kwalokho wavele washiya phansi wangena kwezamabhange njengoba esephethe leli lo mbuso wamaSwati.
Ubuye wachaza ngokugana kwakhe, wathi umndeni wakhe awuzange ukhombise ukuphikisana naye nokuganela esithenjini yize bengamakrestu asindisiwe angakholelwa ezintweni zesintu njengoba ekhulele nasemishini.
Uthe ngisho umkhosi womhlanga ubengawuhambi ngoba abazali bakhe bebengahambisani nawo ngenxa yokusindiswa.
Engxoxweni yakhe ebiyihora lonke ubuye waxoxa ngezinkampani zangaphadle ezishayela umthetho izwekazi lase-Afrika kwezezimali, wathi lokho kusalimaza kakhulu.
UDkt Mulelo unguNdlunkulu wesibili wesilo uMisuzulu kaZwelithini kanti uthi bazana kudala INgonyama ingakangeni esihlalweni sobukhosi.
