Owesifazane obeshayela ephuzile ushayise izimoto ezintathu

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Umshayeli wesifazane ophuzile waseKapa uyishaye indiva imizamo yamaphoyisa omgwaqo yokumumisa washayisa izimoto ezintathu, kwalimala abantu ababili.

Umsizi wesikhulu somgwaqo eKapa uMaxine Bezuidenhout uthe owesifazane ubeshayela ebheke ku-N1 ohlangothini okungelona elakhe ku-R300.

“Ugcine eshayise ezinye izimoto ezintathu emgwaqeni u-Bottelary Road, kwathi abantu ababili bathola imihuzukwana baphuthunyiswa ezibhedlela eziseduze,” kusho uBezuidenhout.

Umshayeli uqale wathi akakhumbuli ukuthi kwenzekeni, kodwa ukuhlolwa komoya wakhe kubonisa ukuthi ubengaphezu kwesilinganiso esivumelekile sotshwala kwaze kwaba kathathu.

Uyiswe eSAPS e-Kuilsriver ngamacala okushayela ephuzile kanye nokushayela budedengu.

UNomzukiso Dlaloyi (45) ohlala eKapa owashonelwa yilungu lomndeni engozini edalwe umshayeli ophuzile, uthe akazi ukuthi kungani abashayeli bezimoto bengafundi emaphutheni abanye.

“Baningi abantu abamsulwa abalahlekelwe izimpilo zabo emgwaqeni ngenxa yabantu abashayela bephuzile,” kusho uDlaloyi. 

“Kungani abantu abangaphuzile bengakwazi ukubashayelela esikhundleni sokubeka izimpilo zabanye abantu engcupheni? Amalayisense abo kufanele avalwe.

“Bheka izimoto ezithintekayo kulesi sigameko, labo bantu abangenacala bebengashona ngenxa yomuntu obengabacabangeli abanye abashayeli. Ngiyethemba ukuthi uzobhadla ejele futhi angayitholi ibheyili.”

Esithombeni esingenhla: Umonakalo wengozi.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva