Owesifazane (18) ubulele umngani ngenxa yesoka

Doreen Mokgolo

UBasetsana Motaung obeneminyaka engu-19, kanye noMaleeto Lebabu oneminyaka engu-18 bebaziwa njengabantu abahlezi bendawonye bengahlukani.

Bebegqoka izingubo ezifanayo, behamba imicimbi efanayo bephuza utshwala obufanayo, kodwa babengavumelananga ukuthi bathandane nesoka elilodwa.

Kuthiwa bebesendaweni yokucima ukoma ezintatha zangoMsombuluko ngesikhathi kunyamalala uBasetsana. UMaleeto unqume ukuyombheka ngoba esola ukuthi uBasetsana uye endaweni yesoka likaMaleeto ngasethaveni.

Ngesikhathi emthola ekamelweni nesoka lakhe ehlezi embhedeni kuqubuke impi enkulu. UMaleeto kuthiwa ugwaze uBasetsana amanxeba amaningi emsola ngokulala nesoka lakhe.

UBasetsana ushonele endaweni yesigameko, kubika abezimo eziphuthumayo.

Kuthiwa sekungokwesibili kulo nyaka uMaleeto eshaya aphinde agwaze uBasetsana.

Ugogo kaBasetsana uSelina Senoko uthe laba bangani bebesondelene, kodwa bebephila impilo engeyinhle.

“Ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokushona kwakhe uBasetsana washaya mina nodadewethu omdala ngekesi nogodo oluvuthayo ngesikhathi sizama ukubonisana naye ukuthi ashintshe ukwenza kwakhe. 

“Ngakusasa ekuseni savuswa ngamaphoyisa esibikela ukuthi utholwe equlekile, enqunu futhi edlwengulwe ngabesilisa abathathu esigangeni.

“Bekungokwesine edlwengulwa, kodwa lokhu akuzange kumvimbe.”

“Ubehamba amathaveni nomngani wakhe ebesihlale simxwayisa ngaye njalo.”

“Ngilimele ukuthi useshonile benginethemba lokuthi uzoshintsha izindlela zakhe abuyele esikoleni ukuze akwazi ukunakekela indodakazi yakhe eneminyaka emithathu.

Okhulumela amaphoyisa aseDuduza uSayitsheni Harry Manaka uthe umsolwa uboshiwe kwavulwa icala lokubulala ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

“Umsolwa uboshiwe kanti kulindeleke ukuthi avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Nigel.”

Izihloko zakamuva