Owe-IFP usolwa ngokuthakatha ukuze awine elokuchibiyela

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Omunye wabeluleki beSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ugaqele isikhundla sekhansela lewadi okhethweni lokuchibiyela KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape namhlanje.

UPhilani Mavundla we-Abantu Batho Congress (ABC) ungenele ukhetho ewadini lesibili kumasipala wendawo waseMvoti obangwa i-IFP, i-ANC, i-EFF ne-ABC.

UMavundla uxoshwe kumasipala weTheku njengePhini leMeya ekuqaleni konyaka.

Ube esefudukela kumasipala waseMvoti lapho abheke khona ukuthi aqokwe njengekhansela lewadi futhi unethemba lokuthi uzoba imeya kamasipala wase-Midlands Rural.

NgoLwesibili, kube nempi phakathi kwe-IFP neqembu likaMavundla i-ABC ngemuva kokuthi umholi wendawo we-IFP uBhojasi Dlamini asolwe ngokuthakatha.

UDlamini ubonakale efafaza okusaketshezi esikhungweni sokuvota. UMavundla usola ukuthi uDlamini ubesebenzisa umuthi ukuze i-IFP iwine okhethweni lokuchibiyela endaweni yaseMatimatolo.

Ubuholi be-IFP abutholakalanga ukuthi buphawule njengoba ucingo lukasihlalo wesifundazwe belukhala lungabanjwa.

Izingxabano ziyinsakavukela umchilo wesidwaba ezindaweni eziningi ezikhankasela ukhetho KwaZulu-Natal.

Escourt ku-ward 21 ngaphansi kukamasipala waseLangalibalele, kube nempi phakathi kwamalungu e-IFP ne-ANC eholele ekutheni kuphazamiseke umcimbi kahulumeni obungoMgqibelo lapho obekundiza khona izihlalo ngesikhathi amalungu exabana.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uSiboniso Mngadi uthe uNgqongqoshe uBongi Sithole Moloi usigxekile lesi sigameko wanxusa wonke amaqembu ezepolitiki ukuthi ahloniphe imithetho aphinde ahloniphane.

“Isigameko sase-Estcort sibe ishwa elikhulu kodwa senzeke ngesikhathi uNgqongqoshe ekhuluma namalungu omphakathi. Ubenikeza amalungu omphakathi izinto ezifana nama-conductor okuvikela umbani ngoba leya ndawo ihlezi ihlaselwa umbani ngesikhathi sasehlobo,” kusho uMngadi.

Ukhetho lokuchibiyela eLangalibalele luzoba ngomhlaka-28 kuNhlangulana.

E-Eastern Cape ukhetho lokuchibiyela luzoba ku-ward 5 kumasipala wase-Kou-Kamma kanti luzongenelwa abantu abane abammele i-DA, i-ANC, i-EFF ne-PA.

Kumasipala wase-Port St Johns kukhona abane abangenele ukhetho ku-ward 2.

Labo abazongenela ukhetho bamele i-PA, i-ANC, i-EFF, i-ATM ne-DA.

Esithombeni esingenhla: Umholi wendawo we-IFP eMvoti uBhojasi Dlamini ubonakale efafaza okusaketshezi esikhungweni sokuvota 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva