Lubhalwe nguSelloane Ntshonyane
Owayeyisiboshwa uSinovuyo Tule waseKatlehong uthi ukudweba nsuku zonke kuyamsiza ukuthi ahlukane nezidakamizwa kanye nempilo afuna ukuyishiya.
UTule unethemba lokuvula istudiyo sokufundisa ubuciko entsheni ekhule ngaphansi kwezimo ezinzima njengoba enza eKatlehong.
USinovuyo Tule usephile iminyaka ebuhlungu, kodwa namhlanje ulwela impilo entsha ngobuciko.

Lo wesilisa oneminyaka engu-35 ubudala waseKatlehong eGauteng uthi usesendleleni engcono ngemuva kweminyaka yezidakamizwa, ubugebengu kanye nokugqunywa ejele.
Washonelwa ngumama eneminyaka engu-11 futhi wachitha isikhathi esiningi sobuntwana bakhe ehamba phakathi kwezifundazwe namakhaya ahlukene. Ngenxa yokungasekelwa, wangena esixukwini esingafanele.
Ngemva konyaka ephase umatikuletsheni, waboshwa. Uthi ijele lamkhombisa ukuthi impilo ingaba yimbi kanjani uma ungashintshi izindlela zakho.
Kodwa ukuphila ngaphandle kwakusenzima. Irekhodi lakhe lobugebengu lavala iminyango eminingi, kwathi ngo-2020 waphendukela ezidakamizweni.
Kuzo zonke lezi zinxushunxushu, akazange ayeke ukudweba. Ubuciko baba yinto eyodwa ayengabambelela kuyo.
Uthe: “Ubuciko yibona obungenze ngayeka ukubhema izidakamizwa.
Namuhla udweba zonke izinsuku ngepensela, ipeni eliphukile kanye ne-sketchbook anikelelwa sona. Uhola imali ngezithombe futhi ukholelwa ukuthi ithalente lakhe lizovula iminyango emikhulu.
UTule unephupho lokuba nesitudiyo nokufundisa ubuciko entsheni ekhule njengaye.
Uthi umkhakha wezobuciko unzima, ikakhulukazi njengoba sekukhona i-AI okwenza izinto zibe nzima kumaciko, kodwa uyanqaba ukuyeka.

“Ngifuna abantu babone ukuthi labo ababekade beyiziboshwa bangashintsha. Asibabi sonke. Abanye bethu bayazama ngempela,” esho.
Uthemba ukuthi uyohamba ngolunye usuku futhi adayise umsebenzi wakhe kumagalari. “Ngiyawenza, kodwa angikho lapho ngangivame ukuba khona. Ubuciko busindise ukuphila kwami, futhi angikuvumeli ukuyeka,” esho.
Osesithombeni esingenhla: USinovuyo Tule nobuciko bakhe.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
