Owayengumdlali weChiefs usolwa ngokushaya unkosikazi

Menzi Magubane

Owayengumdlali weKaizer Chiefs neBafana Bafana uGeorge Lebese usolwa ngokushaya unkosikazi wakhe ngesikhathi kunengxabano endaweni yokucima umoya.

Lezi zithandani kudingeke ukuthi zehlukaniswe ngamaphoyisa ngemuva kokuthi lo mdlali (33) exabene nonkosikazi wakhe uMapaseka Nkosi ezintatha zangoMsombuluko.

Umthombo osondelene nalezi zithandani utshele i-Scrolla.Africa ukuthi sekuyisikhathi eside ubudlelwano balaba ababili bumuncu.

“Yebo, siyazi sonke ukuthi abantu abashadile bayaxabana kodwa hhayi ngendlela uGoerge noMapaseka abenza ngayo muva nje,” echaza.

“Isigameko esenzeke endaweni yokucima ukoma ngoMsombuluko ekuseni kade sabona ukuthi sizokwenzeka. Kube yihlazo ukuthi kwenzeke phambi kwabantu bebuka,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa igama ngenxa yokuthi usondelene kakhulu nalezi zithandani.

NgoLwesibili kubikwe ukuthi ingxabano iqale ngesikhathi lo mdlali esola unkosikazi wakhe ngokuqabula umdlali weMamelodi Sundowns uBongani Zungu.

Kodwa-ke, umthombo osondelene nalezi zithandani ukholelwa ukuthi impi ihlobene kakhulu notshwala kanye nokudinwa kukaLebese ngokungalitholi iqembu elisha azolidlalela.

“Sekunesikhathi eside uLebese engenaqembu alidlalelayo kanti lokho kuyamcasula. Ngeke ngisho ukuthi uphuza kakhulu utshwala kodwa engikwaziyo ukuthi ukhungathekile.”

Unethemba lokuthi uLebese uzophumelela uma kuba neqembu elimsayinisayo.

“Sonke siyamazi ukuthi ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi kusekuningi angakwenza uma enikwa ithuba. Naye uyakholelwa kulokho futhi kuyamgcindezela ukuthi akekho ozimisele ukumnika lelo thuba.”

ULebese uchithe iminyaka eyisishiyagalolunye edlalela iChiefs ngaphambi kokujoyina iSundowns ngo-2017 wabolekiswa kwiSuperSport United ngo-2019. Ngo-2020 wajoyina iqembu laseMelika i-Colorado Springs Switchbacks.

Ubelokhu ezama ukuthola ithuba emaqenjini amaningi selokhu ashiya i-Switchbacks ngoNdasa nyakenye kodwa alikho iqembu elimsayinisile. Udlale imidlalo eyisithupha kuphela kwiBafana Bafana.

Okhulumela amaphoyisa ase-Rosebank uWarrant Officer Bongi Mdletshe, ukuqinisekisile ukuthi izithandani ziwafakile amafomu okuhlukunyezwa ngokobulili. UMdletshe uphinde wathi bayelulekwa ukuthi bafake izicelo zokuvikeleka komunye.

Izihloko zakamuva