OwaseNelson Mandela Bay ugcine ulutholile uxhaso

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UMnyango kaMgcinimafa kuzwelonke ugcine usukhiphe uxhaso kumasipala waseNelson Mandela Bay ngemuva kwezingxoxo ezithathe izinyanga.

Kodwa ukwehluleka kwawo ukususa umphathi wedolobha uDkt Noxolo Nqwazi kuyinto okumele ixazululwe yilo masipala onezinkinga.

Akuyona kuphela inkinga ethinta uxhaso lwezimali. Ukungaboni ngaso linye phakathi kukamgcinimafa kanye nomasipala kubhebhethekiswe ukuqokwa kwesikhulu esiphezulu seMandela Bay Development Agency (MBDA) u-Anele Qaba.

Phambilini uQaba ubeqashwe njengomqondisi ophikweni lwezokuthuthukiswa komnotho kumasipala. Wamiswa ngemuva kokuvela kwezinsolo zenkohlakalo.

Kamuva ibhodi lokuqondisa izigwegwe likamasipala lathi akanacala. Kodwa-ke, ngokuhamba kwesikhathi ucwaningo olwenziwa inkampani i-PricewaterhouseCoopers lwathola ubufakazi bokuthi uQaba unecala – kodwa umasipala awuzange ulandele izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe.

Ngesonto eledlule kuvele ukuthi lowo owayeyimeya kumasipala waseNelson Mandela Bay ophinde abe ikhansela le-DA uRetief Odendaal kanye nomphathi wedolobha uNqwazi bakhipha u-R3 million ukuze uQaba ashiye isikhundla sakhe.

Ngemuva kwezinyanga ezintathu uQaba waqokwa njengomphathi wedolobha okuwuhlaka lukamasipala. Lokhu kususe umsindo phakathi kwezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo umnyango wezezimali kazwelonke othathe isinqumo sokugodla u-R700 million woxhasomali.

Encwadini ayibhalele umasipala ngenyanga edlule, uNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana uthe lokhu “kube izindleko ezingenanzuzo nezimoshe imali” futhi kumele kuhlakazwe.

UGodongwana uphinde waveza ukuthi ukuze umgcinimafa akhiphe lezi zimali kumele umasipala ukhiphe uNqwazi njengoba enecala lokungaziphathi ngendlela efanele.

Okwamanje uNqwazi ungaphandle ngebheyili ngemuva kokuboshwa kwakhe ngecala lokukhwabanisa kanye nelenkohlakalo ngasekupheleni kwanyakenye.

Lokhu kungenxa yokuthinteka kwakhe enkontilekeni yethenda yezindlu zangasese eyabiza imali engaphezu kuka-R24 million okuthiwa yakhishwa umasipala ngomgunyathi eminyakeni emithathu edlule.

Umholi we-EFF esifundeni uKhanya Ngqisha uthe nakuba umnyango wezezimali kuzwelonke usukhiphe imali ngasekupheleni kwesonto eledlule, omunye wemibandela yawo owawucela wokuthi uNqwazi akhishwe esikhundleni awukafezwa.

“UNqwazi, onjenge-accounting officer kumele athweswe icala ikakhulukazi ngokwenza isivumelwano sika-R3 million eyanikezwa isikhulu esisha seMandela Bay Development Agency, u-Anele Qaba.

Wengeze ngokuthi izinsolo zokungaziphathi kahle kwakhe azizange zilethwe ukuze kuxoxwe ngazo emkhandlwini zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa ngemuva kwezinsolo.

I-EFF ifuna uNqwazi abhekane nokuqondiswa izigwegwe nokuthi kuphinde kube nohlelo okumele lwenganyelwe imeya uGary van Niekerk.

UNgqisha uphinde wathintana noVan Niekerk eyocela ukuthi usomlomo abize umhlangano ophuthumayo womkhandlu.

Kodwa-ke, uSomlomo womkhandlu u-Eugene Johnson uthe usadla amathambo engqondo mayelana nalolu daba.

Esithombeni esingenhla: UDkt Noxolo Nqwazi ongumphathi wedolobha laseNelson Mandela Bay

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva