Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Ithimba leNyuvesi yasePitoli lihlole amasampula angu-1,800 ezinkomeni ezingu-90 ezitholakele futhi alitholanga igciwane lesifo samatele esibindini, ku-tripe, olimini noma kuma-trotters.
Imithetho yamanje iphoqa abahlinzeki ukuthi balahle noma baphathe ngokukhethekile leyo ngama ngemva kokuhlaba, bengeza izindleko ezidluliselwa kubantu abazithengayo.
Inyama imindeni edonsa kanzima ethembele kuyo – isibindi, i-tripe, ulimi, ama-trotters kungase kube lula ukukugcina emashalofini ngemuva kokuthi ucwaningo olusha luthole ukuthi imithetho ephoqelela ukuba kulahlwe ingase ingadingeki.
Abacwaningi baseNyuvesi yasePitoli bahlole inyama ephila ngaphakathi kwizinkoml ezingu-90 ezaseziluleme ngokugcwele kusifo samatele (FMD), isifo esithathelwana kakhulu esidala amabhamuza emlonyeni nasezinyaweni zesilwane.
Ithimba lathatha amasampula angu-1,800 lahlola ngalinye ukuthola imikhondo yaleli gciwane.
Abatholanga lutho. Alikho igciwane elithelelanayo esibindini. Alikho igciwane ku-tripe, ulimi, i-trotters noma umnkantsha.
Lokho kubalulekile ngoba imithetho yamanje ithi abantu kumele balahle noma baphathe ngokukhethekile zonke lezo zingxenye lapho kuhlatshwa izinkomo emapulazini nalapho kwatholakala khona i-FMD. Izilaha kufanele zisuse wonke amathambo enyameni ngaphambi kokuba idayiswe inqubo ehamba kancane, ebizayo. Lezo zindleko ezengeziwe zidluliselwa phambili.
USolwazi Armanda Bastos, obehola ucwaningo esikhungweni i-UP, iHans Hoheisen Research Centre, uthe imithetho kumele iguquke.
“Le miphumela ikhombisa ukuthi asikho isidingo sokuthi inyama yangaphakathi ilahlwe,” usho kanje.
Ucwaningo luphinde luncome ukuncishiswa kwenqubo yamanje yezigaba ezimbili yokuhlatshwa kwehle iye kweyodwa.
Ngaphansi kwalesi siphakamiso, izinkomo esezilulame ngokuphelele zingahlatshwa kusukela ezinsukwini ezingu-16 ngemuva kokuba isilwane esigulayo sokugcina epulazini sithole umgomo noma sibonise izimpawu kuye ngokuthi yikuphi okugcine kwenzekile.
INingizimu Afrika iseyinde indlela okumele iyihambe ngaphambi kokuthi kuthiwe ayinayo i-FMD. UBastos uthe u-80% wezinkomo zakuleli eziwu-14 million uzodinga ukuthi zigonywe ukuze zifike lapho. Uhlelo lwedijithali seluvele luyamiswa ukuze kulawuleke ukuthi imithi yokugoma i-odwa futhi isatshalaliswe kanjani emapulazini ezweni lonke.
Olunye ucwaningo luzobheka izingxenye ezithile zekhanda lapho igciwane bekwaziwa ukuthi lihlala emazingeni aphansi kwezinye izinkomo esezibuyile.
Esithombeni esingenhla: Inyama nenani layo ebhusha.
Umthombo wesithombe:Sithunyelwe
