Osomatekisi bayaziqhelelanisa nesiteleka sabasebenzi

Everson Luhanga

Ungase ube muncane umthelela ozodalwa umbhikisho wamhlanje ngenxa yokuthi abashayeli bamatekisi ngeke babe ingxenye yawo njengoba inhlangano yabo iziqhelelanisa nesiteleka.

I-Saftu, i-Cosatu nezinye izinhlaka zabasebenzi zihlele imibhikisho ezweni lonke namhlanje njengoba bekhala ngokubiza kwezindleko zokuphila.

Okhulumela i-Cosatu uSizwe Pamla uthe bafuna kwehliswe izindleko zikaphethiloli, ugesi nokudla kanye nokwehliswa kwentela.

Kodwa-ke mancane amathuba okuthi osomatekisi bangenele isiteleka ngemuva kokuthi i-South African National Taxi Council (i-Santaco) iziqhelelanisile nombhikisho kazwelonke ithi amalungu ayo azoqhubeka nemisebenzi yawo ngendlela ejwayelekile ezweni lonke.

Isikhulu esiphezulu se-Santaco uMnuz Bafana Magagula sithe umkhandlu unxusa bonke osomatekisi ukuthi babe semgwaqeni namhlanje.

“Naphezu kwezicelo eziningi zokubamba iqhaza ekuvalweni kwezwe, i-Santaco ngeke ibambe iqhaza ezinhlelweni zokuvalwa kwezwe lonke.”

Umkhandlu ucela abezomthetho ukuthi basebenzise umthetho, ukuze kube nomnyakazo oqotho wabantu namanye amabhizinisi ngalolu suku.

Ngaphandle kokubamba iqhaza kwamatekisi, mancane amathuba okuthi umbhikisho ukwazi ukufeza inhloso yawo njengoba abasebenzi bezokwazi ukuya emsebenzini.

Ungoti wezabaSebenzi nezomthetho uMichael Bagraim utshele i-Scrolla.Africa ukuthi njengoba inhlangani yamatekisi ingeyona ingxenye yesiteleka ngeke ube umkhulu umthelela wesiteleka.

UBagraim uyigxekile le mibhikisho wathi akuwenzi umqondo ukukhalaza ngezindleko zokuphila uguqisa umnotho.

“Lokhu kuvalwa kufana nomuntu okhala ngokunyuka kwentengo kaphethiloli nezindawo zokungcebeleka baphinde bashise izimoto ngoba bengakwazi ukuthenga uphethiloli.”

Ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi uthe abanikazi bamatekisi bathathe isinqumo esifanele sokungazibandakanyi nokuvalwa kwamatekisi njengoba benegunya lokuthutha abantu uma beya noma bebuya emisebenzini yabo.

Ephendula ngesinqumo se-Santaco sokungasingeni isiteleka okhulumela iCosatu uPamla, uthe “Asikaze sizihlanganise nabanikazi bamatekisi ngesikhathi siteleka. Siyinyunyana yabasebenzi futhi sihlanganisa abasebenzi asibakhiphi abantu ukuthi basijoyine.”

Izinkampani eziningi ezizimele zizosebenzisa umgomo othi No Work, No Pay kubasebenzi abangeke baye emsebenzini.

Imifelandawonye yabasebenzi i-Cosatu kanye ne-Saftu izohola umbhikisho emadolobheni ahlukene kuleli. Umbhikisho omkhulu kunawo wonke uzosuka e-Tshwane uye e-Union Buildings.

Izihloko zakamuva