Osomatekisi base-Eastern Cape baqola abashayeli bamabhasi

Joseph Chirume

Amabhasi awela umngcele angahle akhishwe emgwagqeni ngenxa yodlame nokuqola okwenziwa ngabashayeli bamatekisi e-Eastern Cape. 

Izinkampani zamabhasi ahambela e-Zimbabwe esuka e-Gqeberha nase-East London zikhononda ngokuthi osomatekisi bafuna ukukhokhelwa imali engekho emthethweni ukuze amabhasi aqhubeke nokusebenza.

Abashayeli abaningi bamabhasi basabise ngokuphuma emizileni. Bathi abasayitholi imali eyanele yokuqhuba amabhizinisi abo uma bephoqeleka ukuthi bakhokhe le mali.

Abashayeli bamabhasi bathe uma benqaba ukukhokha le mali, noma bebika ngokusatshiswa emaphoyiseni, babhekana nezinsongo zodlame nokubulawa.

Abashayeli bamabhasi baphinde bathi inkampani ngayinye yakhokha imali engu-R40 000 ukuze ijoyine inhlangano yamatekisi kodwa njalo ezinye izinhlangano zamatekisi zifuna bakhokhe inhlawulo abangayazi.

Omunye umnikazi webhasi obekhuluma ne-Scrolla.Africa ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa uthe “lokhu sekuqhubeke iminyaka emibili yonke kodwa kuye kwashuba kakhulu ngonyaka odlule”.

“Bamisa abashayeli bethu emgwaqeni onguthelawayeka befune imali esukela ku-R2 500 kuya ku-R5 000 ukuze ibhasi liqhubeke nohambo lwalo. Uma abashayeli benqaba, abashayeli bamatekisi babathathela okhiye bamabhasi bahambe nabo.” 

Umshayeli welinye lamabhasi uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi ngemuva kokuthi bakhokhe inhlawulo e-Gqeberha bathola enye inhlangano yamatekisi ibalindile e-East London futhi ifuna imali efanayo noma ngaphezulu.

Wengeze wathi “sifika ekhaya sinemali encane njengoba ibhizinisi lilibi kulezi zinsuku, ngoba abantu abahambi njalo ngenxa yokuvalwa kwe-Zimbabwe okuvimbela ukuwela emingceleni”.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha-Eastern Cape u-UNathi Binqose usigxekile lesi sigameko.

“Akukho emthethweni futhi kuyicala  lokuqola  nento okungafanele ivunyelwe nhlobo ukuthi yenzeke. Yingakho sibize amaphoyisa ukuthi angenelele abhekane nala macala,” etshela i-Scrolla.Africa.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthe: “Abashayeli bamabhasi kumele babike lolu daba futhi bavulele lezi zigilamkhuba amacala”.

Inhlangano yamatekisi i-cedo inqabile ukuphawula, ngesikhathi imizamo yokuxhumana ne-Border Taxi Association ingaphumeleli.

Izihloko zakamuva