Oqokelwe esikhundleni sokuzimela usinde esichothweni sezinhlamvu – futhi basazama ukumbulala!

Everson Luhanga

Sekuqubuke isiphithiphithi okhethweni oluzayo lohulumeni basekhaya kumasipala wase-Mogalakwena odonsa kanzima e-Limpopo.

UMashobane Masenya, ozongenela ukhetho lokuba yikhansela elizimele, usinde emvuleni yezinhlamvu ngenyanga edlule. Futhi uthi usabhekene nokusatshiswa okusongela impilo yakhe selokhu abhalisa ku-IEC njengomuntu ozongenela ukhetho.

Emasontweni amabili edlule, owesilisa udubule izinhlamvu eziningi ezibhekise kuMashobane ngesikhathi ehla emotweni yakhe emzini wakhe esigodini sase-Mozombane, ngaphandle kwase-Mokopane.

“Ngemuva kokubhalisela ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya, umkhankaso wami uhlangatshezwe kakhulu. Abantu abangaziwa bebelokhu befuna igazi lami. Ngenkathi ngihlangana ubuso nobuso nalo mlisa obezongibulala ngobusuku besigameko sokudubula, ngangicabanga ukuthi impilo yami isiphelile.

“Lo mlisa ungidubule ngesikhathi sengizovala isango, cishe phakathi kwamabili.

“Ngesikhathi eqala ukudubula, ngiziphonse phansi ngaginqika. Ngenhlanhla yami, ungigejile wadubula umnyango wegaraji, umnyango wasekhishini namawindi” esho.

Amaphoyisa athole amagobolondo ezinhlamvu ayisithupha ngakusasa ekuseni, kwengeza uMashobane.

Noma nini lapho ezama ukukhankasa, uthi kunemizamo yezinkabi yokumphazamisa.

“Kube nezehlakalo lapho okuqhume khona izibhamu eduzane. Kodwa angikaze ngizihluphe ngokuvula icala ngoba bengingakwazi ukukhomba izinkabi”.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa e-Mokopane. Akukaboshwa muntu kanti uphenyo luyaqhubeka.

Eminyakeni eyishumi eyedlule, ukubulawa ngenxa yezepolitiki e-Mogalakwena kudlule nemiphefumulo yosopolitiki abaningi be-ANC. Lapha kubalwa uValtyn Kekana, usihlalo wama-akhawunti omphakathi kamasipala, noRalph Kanyane, isishoshovu nomholi wegatsha le-ANC. Bobabili badutshulwa izinkabi ezazihlomile.

UMathobane, owake waba yilungu le-ANC, uthe washiya le nhlangano ngenxa yezimpikiswano ezazinokujula ngaphakathi ezazivame ngokuphela kokubulawa kosopolitiki..

“Abantu abangongqondongqondo kulokhu kubulawa kwabantu kwezepolitiki yilabo abamelene nenqubekela phambili futhi bafuna ukuphoqa labo abazobakhetha, abazobalawula emkhandlwini. Ngenqaba ukuphathwa ngesikhathi ngiku-ANC futhi kusobala ukuthi lokho kwacasula abantu abathile. Uma izinhloso zabo ezimbi zepolitiki zingaphumeleli, baphendukela ekubulaleni abantu”.

I-ANC esifundazweni igxeke amaphoyisa ngokuhluleka ukubopha abasolwa ngokuba ngababulali bosopolitiki e-Mogalakwena.

Okhulumela i-ANC esifundazweni uDonald Selamolelathe uthe: “Asikwazi ukuba nabantu abaningi kangaka ababulawayo, kodwa kungaboshwa muntu. Amaphoyisa asiphoxile”.

Izihloko zakamuva