Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa asebophe inqwaba yabantu ngamacala enkohlakalo athinta amaphoyisa, izigebengu kwezokwakha (construction mafia) kanye nezikhulu zikahulumeni ezweni lonkana.
KwaZulu-Natal oKlebe babophe amaphoyisa ayisikhombisa noyedwa oyisakhamuzi ngelenkohlakalo. Kuthiwa bebefuna u-R100 000 kumnikazi wesitolo ukuze bamkhulule bese bebuyisela izimpahla zakhe.
ULieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo uthe: “Ummangali uveze ukuthi ngesikhathi ematasa esitolo sakhe, kwangena ikhasimende lacela amabhokisi amathathu kagwayi, labe selikhokha u-R400 labuyiselwa ushintshi walo.
“Emuva kwemizuzu embalwa, abasolwa abane bangena esitolo, omunye wabo wazazisa njengesikhulu samaphoyisa.”
La maphoyisa, athi aphuma ePitoli, asesha isitolo abopha umnikazi waso. Kamuva acela imali yokumdedela.
Ummangali wathinta unkosikazi wakhe, wakwazi ukuqoqa imali engu-R79 500,” kwengeza uMhlongo.
Amalungu oKlebe ashesha abopha abasolwa ngemuva kokuthatha imali. Abasolwa abayisishiyagalombili abaneminyaka engu-31 kuya ku-54 babhekene namacala enkohlakalo kanti bazovela enkantolo maduze.
EGoli amaphoyisa abophe abantu abane ngokuzama ukuqola inkampani yokwakha.
Abasolwa, okucatshangwa ukuthi bayingxenye “yeqembu lamadelangokubona”, bafuna u-30% wemali etholwa yile nkampani ukuze badedele umsebenzi uqhubeke endaweni yegaraji likaphethroli.
EKapa, lowo owayeyisikhulu edolobheni uMalusi Booi uboshwe ecaleni lenkohlakalo elithinta amathenda ezindlu nobugebengu obuhleliwe.
UBooi, owaxoshwa ngo-2023 ngemuva kokugasela kwamaphoyisa ehhovisi lakhe, ungomunye wabantu abayisishiyagalombili ababoshwe emadolobheni ahlukene.
Ukuboshwa kwalaba kuyingxenye yophenyo olukhulu mayelana nezenzo zeqembu lamadelangokubona eKapa, olubandakanya abaxhumene namaqembu ezigelekeqe, ikakhulukazi igenge yama-28. Lokhu sekuthinte amaphrojekthi amaningi edolobha kanye nabasebenzi.
Esithombeni ngenhla: Oklebe babophe amaphoyisa ngelenkohlakalo.
Umthombo: Uthunyelwe
