Ohlasele umfana ngesando unqatshelwe ibheyili ngecala lokubulala 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Unqatshelwe ibheyili yiNkantolo yeMantshi yaseDaveyton ongowokufika odayisa esitolo okuthiwa ushaye uSiphamandla Mphuthi ngesando ekhanda ngenxa yokuthi untshontshe isiphuzo.

Ubekwe icala lokubulala kanye nokuba ngowokufika kuleli ngokungemthetho.

NgoLwesithathu ngesonto eledlule, uMphuthi (28), utholwe ngumfowabo uMnuz Mpho Mphuthi enezingozi ekhanda wabe esephuthunyiswa esibhedlela ePholosong lapho eshonele khona ngoLwesine.

Ekuqaleni, icala lokubulala beligxile kumphathi wesitolo wase-Malawi, kodwa ufakazi endaweni yesigameko uphikile ukuthi uyabandakanyeka.

NgoMgqibelo, umndeni uphelezelwa isixuku ebesithukuthele sisekelwe yizinhlangano zomphakathi zendawo, bamashele esitolo befuna kuboshwe abasebenzi basesitolo siphinde sivalwe.

Baphinde bahambisa nencwadi yezikhallo emaphoyiseni aseDaveyton befuna zivalwe zonke izitolo kule ndawo eziphethwe abantu bokufika.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, u-Eric Mahlangu, ongusihlalo weProgressive Civic Congress, uthe umphakathi unikeze abanikazi bezitolo izinsuku eziyisikhombisa ngoMgqibelo ukuthi bapakishe izimpahla zabo bathuthe.

“Siyayithobela imiyalelo yamaphoyisa yokubanika isikhathi esanele sokupakisha izimpahla zabo. Sibala izinsuku zehle sifuna bahambe,” usho kanje.

“Laba bantu bafuna imali yethu kodwa abasifuni. Babulale uSiphamandla ngenxa yesiphuzo esibiza u-R10. Lokhu kukhombisa ukuthi izingane zethu aziphephile.

“Ngonyaka odlule kwabanjwa amadoda amathathu ezama ukungena kwesinye sezitolo kule ndawo. 

Kuyimanje akekho owaziyo ukuthi kwenzekani kubo, nabanikazi bezitolo abafuni ukukhuluma,” usho kanje.

UMpho Mphuthi uthe okufunwa wumndeni ubulungiswa ngoSiphamandla nalabo okumele baziphendulele.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS esifundeni sase-Ekurhuleni, uCaptain Neldah Sekgobela, unxuse umphakathi ukuthi ungazithatheli umthetho kodwa uxhumane namaphoyisa ukuze abhekane nabaphula umthetho.

Owesibili osebenza esitolo uthweswe icala lokufika kuleli ngokungemthetho.

Izihloko zakamuva