Obishini awaseGhana ngenkohlakalo

Dylan Bettencourt

Amaqembu ebhola ase-Ghana i-Ashanti Gold ne-Inter Allies ahoxisiwe ezigabeni ezimbili  ngenxa yokungaziphathi kahle.

Ukulungiswa komdlalo kwenzeka ngoMandulo odlule ngesikhathi i-Ashanti Gold inqoba ngamagoli ayisikhombisa eqandeni. Kulo mdlalo kuthiwa kwaba nezandla sentence.

Lesi sigameko siphenywe i-Ghana Football Association (i-GFA) ethole womabili amaqembu enecala lokungenzi kahle.

Ivolontiya le-Inter Allies u-Emmanuel Amoah unikezwe isigwebo sadilika jele ngeqhaza lakhe kulo muga.

UMengameli we-Ashanti Gold uDkt Kwaku Frimpong ugwetshwe iminyaka engu-10 futhi wahlawuliswa u-R210,000. Indodana yakhe ivinjelwe iminyaka eyisishiyagalombili kanye nenhlawulo ka-R100,000.

Umdlali oshayele ezakhe amagoli ekuqaleni uvalwe iminyaka emibili, kodwa lokho kwehliswa kwaba izinyanga eziyisithupha ngeqhaza lakhe ngokukhuluma iqiniso.

Bobabili abaqeqeshi nabaphathi bamaqembu ohlangothini ngalunye banikezwa isigwebo seminyaka emibili.

Abadlali abangu-25 bathole ukuvinjelwa phakathi kweminyaka emibili nemine.

UNana Kwasi Darling obengumqondisi wezemidlalo ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko e-Ashanti usesole i-GFA ngokukhetha ubulungiswa.

Ubona sengathi uhlangothi lwakhe lwangaphambilini lwalujeziswe ngokungafanele ngoba aluzange luvotele uMengameli we-GFA.

“Lokhu okwenzekayo akubhekisiwe kwi-Inter Allies. Inhloso i-AshGold,” kusho uKwasi.

“Akekho ovela e-AshGold ovotele uKurt Okraku ngakho yonke into igxile ku-AshGold.

Kuthiwani nge-Inter Allies eshaye amagoli amabili? u-Okraku waba nguMengameli we-GFA ngonyaka ka-2019.

I-Ghana kudala inezinkinga ngokulungiswa komdlalo. Abalandeli beBafana Bafana bazizwe bekhohlisiwe ngesikhathi kukhishwa iphenalthi kuma-Black stars kuhlungelwa iNdebe yoMhlaba nyakenye. 

IBafana ihlulwe ngegoli elilodwa eqandeni emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba e-Qatar.

Umthombo wesithombe:@FootballGhana

Izihloko zakamuva