Njengoba umndeni ulila, osopolitiki babawondabamlonyeni

Everson Luhanga

Ngempela ukungabinanhliziyo. Umzamo onamandla wokuthola amaphuzu kwezepolitiki.

Lena yindlela uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele akuchaze ngayo ukuphawula komholi we-EFF uJulius Malema ngaphandle kwekhaya lomndeni okhalela ukushona kabuhlungu kukababa wezingane ezine, uMthokozisi Ntumba, oneminyaka engama-35.

“Kuyisenzo esingenanhliziyo sanoma yiliphi iqembu lezepolitiki noma ubuholi balo ukuqamba amanga kubalandeli balo nakusizwe,” kusho okhulumela uNgqongqoshe uLirandzu Themba esitatimendeni.

Lesi sitatimende sigxeke uMalema ngalokho okushiwo yilesi sitatimende: “ukusebenzisa ubuhlungu bomndeni owalahlekelwa kabuhlungu kangaka ngubaba, indoda nomondli, ukuqhuba uhlelo lwezepolitiki emzamweni onzima wokuthola amavoti amaningi.”

UMalema usole uCele ngokwehluleka ukunikeza usizo emndenini kaMthokozisi, uCele athi bekungenzeki.

“Umndeni manje usubuzwa imibuzo: Awunayo inqubomgomo yomngcwabo? Awunayo isitokfela sokufaka isandla ekungcwabeni kwenu?” Kusho uMalema.

Kodwa uCele uthi akakaze axoxe ngamalungiselelo omngcwabo nomndeni wakwaNtumba ngesikhathi ewuvakashele ngesonto eledlule ngoLwesine.

UCele uthe okushiwo nguMalema kungamanga futhi kuyadukisa.

Inhloso yalolu hambo bekungukukhalisana nomndeni nokukhombisa ukuzibophezela ekuthatheni izinyathelo ezisheshayo kanye nokuziphendulela ngokugcwele kulandela ukubulawa kukaMthokozisi.

UCele uqophe ukuthi ngesikhathi evakashele umndeni oshonelwe, wabaqinisekisa ukuthi i-SAPS izosebenzisana ngokugcwele nophenyo lwe-Independent Police Investigative Directorate (i-IPID) ngokushona kukaMthokozisi.

Ngenkathi ipolitiki iziba iqiniso elibuhlungu lempilo elahleke maduzane, umndeni kaMthokozisi uzama ukukhala ngesizotha nangokuthula.

Izihloko zakamuva