“Ngusathane ongenze ngakwenza lokhu!” kusho uthisha osolwa ngokweba ukudla kwesikole

Moyahabo Mabeba

Uthisha wase-Limpopo ubekelwe ukwamukela ukudla kohlelo lokudla esikoleni sakhe ngeSonto.

Kodwa uthisha wesikole samabanga aphansi i-Maswianape  e-Sekhukhune, ubonwe ngamalungu omphakathi elayisha izinto emotweni yakhe.

Bamubuza ngalokho akwenzayo ngaphambi kokuxwayisa amaphoyisa ase-Motetema.

UJames Moela, ongumholi womphakathi esigodini sase-Mamphokgo, uthe uthisha wamtshela ukuthi akanalo ibhizinisi kulolu daba njengoba engeyena unogada.

“Uzamile ukuhamba ngemoto kodwa ngamubuza imibuzo ngesikhathi elwa nokuvula isango. Ngemuva kwengxabano eshubile, wazinikela,” esho.

“Sihlangene namanye amalungu esigungu esilawula isikole kanye namalungu omphakathi, samphoqa ukuthi avule ibhuthi yemoto yakhe sathola izimpahla ezebiwe.”

UMoela utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abanye abasebenza esikoleni bebefuna ukumvikela.

Kodwa umphakathi ubumile kwelokuthi kumele aboshwe.

UConstable George Mahlabegoana, umphenyi esiteshini samaphoyisa e-Motetema, ukuqinisekisile ukuthi uthisha uboshiwe wabekwa icala lokweba nokutholakala nempahla eyebiwe.

“Ngesikhathi eboshwa ubephethe izinto ezebiwe. Uqale wafuna ukulivuma icala kodwa manje useshintshe umqondo. Unikwe ibheyili yemali eyizi-R400 kanti icala lakhe lihlehliselwe kumhla zintathu kuNcwaba ngenkathi uphenyo lusaqhubeka.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni uTidimalo Chuene uthe uMqondisi wesifunda uyalele ithimba lezobudlelwane nabasebenzi ukuthi lenze uphenyo lwangaphakathi ukuze kuthathwe izinyathelo ezifanele.

Ngemuva kokuboshwa kwakhe nokuvuma izono zakhe, uthisha wazincengela wathi uyaxolisa.

“Ngusathane ongenze ngenza lokhu!” esho.

Izihloko zakamuva