Ngubani umqeqeshi ofanele ukuthatha izintambo kwi-Chelsea

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Sekuqubuke imibuzo yokuthi ngabe umqeqeshi we-Chelsea uGraham Potter uzoxoshwa yini, kodwa futhi ngubani ongaqinisa umkhumbi onyakazayo?

Akuwona umsebenzi olula ukuthatha izintambo ku-Chelsea futhi njengoba kulindelwe ngabomvu lokhu kumele kulandwe umqeqeshi oyijwayele impumelelo.

UPotter wayebonakala eyifanele i-Chelsea ngesikhathi eqokwa ngoMandulo nyakenye, kodwa akuzange kuhamba ngendlela abantu abebecabanga ngayo.

Imibiko manje ikhombisa ukuthi abadlali abajabule neze kulezi zinyanga ezedlule ngezinqumo zikaPotter, kanti lokhokwenza izinsuku zakhe zibalwe.

Kuzo zonke izimpawu ezingaholela ekuphumeni  kukaPotter, i-Scrolla.Africa ibheke ukuthi ubani ongavala isikhala somphathi wase-Britain eqenjini lase-London.

ULuis Enrique

ULuis wayengumqeqeshi we-Barcelona kanti kubikwa ukuthi nguyena oyintandokazi ukuthatha izintambo uma uPotter ededelwa.

U-Enrique usanda kushiya eqenjini lesizwe lase-Spain ngemuva kwenhlekelele yeNdebe Yomhlaba ye-Fifa e-Qatar, nokho lo mqeqeshi oneminyaka engu-52 ubudala wahlaba umxhwele ngesikhathi eqeqesha i-Barcelona, ​​eyanqoba izicoco ezimbili ze-La Liga, ezintathu ze-Copa del Rey nesisodwa se-Uefa Champions League.

Kuphinde kwaba namahlebezi athi u-Enrique usethubeni lokuvala isikhala sikaDiego Simeone ku-Atletico Madrid ekupheleni kwesizini.

UDiego Simeone

Kukhona amahlebezi ngoSimeone mayelana nokuhluleka ukuphatha kahle i-Atletico Madrid kanti ngemuva kweminyaka engu-11 ehleli nayo kungenzeka ashiye.

Futhi kubonakala i-Chelsea noSimeone babelana ngezitayela ezifanayo. 

Lo mqeqeshi wase-Argentina angase abuyiselwe ku-Atletico, kodwa indlela yakhe enonya ingaba into edingwa i-Chelsea ukuze iguqule ukudlala kwayo.

Ukwethembeka isikhathi eside kungenye yezinto ethandwa i-Chelsea nebhodi, okubonakala sengathi kunesikhathi eside bedinga umphathi.

UZinedine Zidane

UZidane akakaze asebenze kusukela eshiye i-Real Madrid futhi ubelinde ngesineke umsebenzi wokuba ngumqeqeshiweqembu lesizwe lase-France.

UZidane usanda kuthi uzimisele ngokubuyela kubaphathi kanti njengoba i-France ibambelela kumphathi wayo uDidier Deschamps, uZidane angase abe semakethe ukuze abambe iqhaza.

Kuze kube manje uZidane usekhombise ukunqoba ama-serial, enqoba izicoco ezimbili ze-La Liga kanye nezicoco ze-Uefa Champions League ezintathu zilandelana ne-Los Blancos.

Kubikwa ukuthi okwenzeka kwi-Chelsea konke kulele kwibhodi, uPotter unemidlalo emibili elandelayo kuphela okuwumdlalo we-Leeds United ne-Borussia Dortmund okuyiyona ezocacisa ngekusasa lakhe ku-Chelsea.

Isithombe esingenhla: UGraham Potter

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva