Ngubani umalusi kaBushiri?

Izikhulu zaseNingizimu Afrika ziyehluleka ukuchaza ukuthi umfundisi odumile nonkosikazi wakhe bakwaze kanjani ukubuyela ezweni lakubo e-Malawi – futhi kubonakala sengathi bakwenza ngokukhulu ukuzikhandla. NoMengameli uCyril Ramaphosa kubikwa ukuthi uthukuthele uyaveva ngalokhu.

Njengoba kusenemibuzo eminingi engaphenduliwe, okukodwa okucacayo ukuthi u-Shepherd Bushiri wenze iNingizimu Afrika yaba yinhlekisa yonke indawo.

● Uhambe nini uBushiri futhi kanjani?

● Akukwazi ukuthi wayengakwenza yedwa lokhu. Kuyacaca ukuthi othile, ndawo thile ubemi eduze kwakhe ukuze amsize. Ngubani owamsiza ukuthi aphunyule emaphoyiseni, afike esikhumulweni sezindiza, adlule ekulawuleni amapasipoti aye endizeni?

● Noma uma ebaleke ngomgwaqo, ngubani owamsiza weqa umngcele womhlaba wangena e-Zimbabwe?

● UBushiri uthe ufike e-Malawi ngoLwesithathu ebusuku. Lokhu kusho ukuthi uma ehambe ngomgwaqo usuke ngoMsombuluko. Njengoba kune qiniso lokuthi i-Blantyre e-Malawi ingamakhilomitha angaphezu kwayi-1 700 ukusuka eGoli – amahora angama-21 okushayela ungapheli – kucishe kube yisiqiniseko ukuthi ubezohamba ngendiza.

● Kuyamangaza, yize uBushiri ethi ubuyele ekhaya ngoLwesithathu, kube nokuqagela ukuthi ugibele  ngoLwesihlanu noMengameli wase-Malawi uLazarus Chakwera ovela esikhungweni samabutho empi i-Waterkloof, kodwa ngeSonto uhulumeni waseNingizimu Afrika ukuphikile lokhu, wathi izikhulu zabokufika zahlola bonke abagibeli kanti uMnu noNks Bushiri bebengekho endizeni.

Umbuzo owodwa wokugcina ongaphendulwanga uvela kuvidiyo yakamuva yokushumayela kukaBushiri.

“Umuntu oqondileyo ubona inkathazo abaleke. Kodwa umuntu oyisiwula ubona inkathazo bese ehlala lapho,” eshumayela.

“Uma kufika ingozi, izinkinga noma ukukhathazeka udinga ukwazi ukuthi ungeqa kanjani.”

Kungenzeka yini ukuthi uBushiri wayazi ukuthi lolu suku luyeza – futhi ngabe wayeluhlelile yini?

Izihloko zakamuva