‘Ngiyekeni’ uMboro eyalela abameli bakhe 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Engena enkantolo ngaphandle komqaphi wakhe, uMboro we-Incredible Happenings Church ubingelele abazalwane bakhe ababegcwele inkantolo washumayela wathi “UNkulunkulu muhle, ngaso sonke isikhathi”. 

Enkantolo, uMboro uyalele ithimba labameli bakhe ukuthi limshiye yedwa ukuze akhulume nabezindaba. 

Abameli bakhe bacele ukuthi alinde inkantolo ukuthi izwe isicelo sakhe sebheyili esinamaqiniso amasha kodwa umfundisi akafunanga nokuyizwa leyo. 

“Cha, (ngiyekeni), ngethemba uNkulunkulu. 

“Yimpilo yami le, ngijeziswa ngoba ngingumfundisi odumile. 

“Izimoto zami zicekelwa phansi, indlu yebandla lami ishiswe wumndeni kamama wezingane ofuna ukungithathela izingane ezizalelwe emzini wami zakhuliswa yimina nendodana,” usho kanje. 

Engena enkantolo ngaphandle konogada wakhe, uClement Baloyi, umfundisi uMboro ubingelele abazalwane bakhe abebegcwele inkundla yasenkantolo waqala ukushumayela. 

Idokodo belingekho enkantolo kanti ummeli wombuso, uPheello Vilakazi, uthe ubengazi ukuthi icala lifakwe ohlwini lwasenkantolo lwangoMsombuluko kodwa ubazi ukuthi icala lihlehliselwe umhlaka-21 kuMfumfu. 

Uhlelo lwesihlanu lokufaka isicelo sebheyili lihlehliselwe umhlaka-9 kuMandulo ukuze umbuso ubhekane nobufakazi obusha. 

Ngesikhathi evele phambi kwenkantolo phambilini ngomhlaka-19 kuNcwaba, uMboro noBaloyi banqatshelwa ibheyili icala lahlehliselwa umhlaka-21 kuMfumfu ukuze kuqhutshekwe nophenyo. 

UMboro ubhekene namacala okuthumba, ukuqhumisa isibhamu, ukukhomba ngesibhamu, ukushaya ngendlela yokusabisa, ukucekela phansi impahla (lapho uMboro esebenzise khona ucelemba ukugqekeza ingidi ukuze akwazi ukungena esikoleni), ukutholakala nesibhamu, ukuba nesikhali esingavunyelwe kanye nokuba nesibhamu esiyingozi. 

Embangweni wokugcina abazukulu bakhe abane, ngomhlaka-5 kuNcwaba uMboro kusolwa ukuthi wangena ngendluzula esikoleni i-Matshidiso Primary School efuna ukuthi izingane zidedelwe ziyogadwa nguyise, uVincent Motshoeneng. 

Kumavidiyo asabalele, uMboro ubonakala ephethe ucelemba futhi esabisa ngokushaya othisha esikoleni sezingane, unogada ephethe isibhamu esiyi-semi automatic. 

Lezi zingane zigcinwe okwesikhashana ezandleni zikagogo wazo ozala unina kusukela kwashona unina ngoMbasa. 

Osesithombeni ngenhla: Umfundisi Paseka Mboro. 

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva