Ngeke sisebenzisane ne-ANC – Rise Mzansi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

I-Rise Mzansi enezinyanga eziyisishiyagalolunye isunguliwe ingelinye lamaqembu angu-300 abhalisiwe aselungele ukungenela ukhetho lukazwelonke kulo nyaka.

Leli qembu, elinamavolontiya angu-250 000, lethule umqulo weqembu e-Heartfelt Arena e-Tshwane ngoMgqibelo, lapho obekukhona iningi lentsha esixukwini esingaphansi kuka-4 000.

Lokhu kuthiwa kube yimpumelelo enkulu eqenjini ebelinamalungu angaphansi kwekhulu kuphela ngesikhathi yethulwa ngoMbasa.

Umholi weqembu uSongezo Zibi uthe abantu abaningi abebehambele umcimbi baphuma e-Gauteng, njengoba iqembu belingakwazi ukukhokhela amabhasi amavolontiya asuka ngaphandle kwesifundazwe.

“Ngokungafani ne-ANC ngeke sikwazi ukugcwalisa izinkundla ngamavolontiya avela ezweni lonke,” usho kanje emcimbini wokwethula.

“Ukube bekuzosetshenziswa ukugcwalisa izinkundla ukukala ukwesekwa kwe-ANC, ibingeke ikhathazeke ngokulahlekelwa ngamavoti, ngebhadi lokho akusho lutho.

Njengengxenye yokuhlenga izwe libuyele esimweni esihle sezezimali, iqembu lihlose ukunciphisa ikhabhinethi.

“Izwe lisebenzisa imali engaphezu kuka-R2-billion ukuholela onogada boNgqongqoshe namalambu aluhlaza, okuyimali engasetshenziswa  engaphansi ngisho kwesabelomali esisithumela ekunakekeleni umbutho wezokuvikela.

“Sizofaka bonke omasipala abawayo nabagcwele inkohlakele ngaphansi kukahulumeni kazwelonke,” usho kanje.

Umholi kazwelonke uthe iqembu elibusayo liyaqhubeka nokuboleka izimali ngokunganaki futhi liyisebenzisa budedengu futhi lintshontsha noma yini efika ezandleni zalo.

“Ama-akhawunti kahulumeni asebhange acishe angabi nalutho kodwa amaphakethe abaholi ayagcwala ,” usho kanje. “Sizibophezele ekulungiseni izimali zikahulumeni, ukushushisa abenza inkohlakalo nokusebenzisa imali ngendlela efanele ukuze kuvikelwe amaholo omphakathi.”

UZibi uthe ngeke basebenzisane ne-ANC. Uma abantu baseNingizimu Afrika bethatha isinqumo sokujikela i-ANC, kungani i-Rise Mzansi kufanele ivuse i-ANC kwabafileyo.

Esithombeni Esingenhla: I-Rise Mzansi

Umthombo wesithombe:Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva