Ngabe yiliphi iqembu elidinga amaphuzu kakhulu?

Menzi Magubane

Kuyinto eseduze, indaba yokuthi ngubani oyifuna kakhulu – kuzoba i-Maritzburg United noma i-Tshakhuma Tsha Madzivhandila?

La mazwi ashiwo ngumgadli we-Maritzburg uThabiso Kutumela, umadlali wesibili ngokushaya amagoli eqenjini, ekhuluma ngomdlalo wabo ne-Tshakhuma Tsha Madzivhandila wamaqembu aphansi etafuleni kowe-DStv Premiership.

La maqembu womabili azohlangana e-Harry Gwala Stadium eMgungundlovu ngo-5 ntambama ngoLwesihlanu.

“Siyawadinga impela amaphuzu,” uyasho.

“Silahlekelwe yimidlalo yethu emithathu edlule yeligi futhi basesimeni esifanayo nathi, sihlukaniswe umehluko wamagoli ezansi. Kuzoba ukuthi ngubani ofuna amaphuzu kakhulu.”

I-United ne-Tshakhuma basendaweni ye-14 neye-15. Kanye neBlack Leopards, womathathu la maqembu anamaphuzu ayisishiyagalolunye.

Ngempelasonto la maqembu omabili anqobe imidlalo yayo ye-Nedbank Cup. I-United ibhaxabule i-Shelhukhune United ngamagoli amabili eqandeni kwathi i-Tshakhuma yaguqisa i-SuperSport United ngegoli elilodwa eqandeni.

“Bekukuhle ukunqoba. I-TTM nayo inqobe umdlalo wayo wokugcina. Kuzoba ngumdlalo onzima kuwona womabili amaqembu,” kusho uKutumela.

Lo mdlali owayedlalela i-Orlando Pirates useshaye amagoli amathathu kule sizini. Uzakwabo naye ohlaselayo uJudas Moseamedi ushaye amane.

Omunye umdlalo weligi ngoLwesihlanu ntambama kuzoba ngowe-Golden Arrows ihambela indawo i-Stellenbosch esendaweni ye-12. Abafana Bes’thende bazobe bebheke ukubuyela endaweni yesine ngokunqoba i-Stellies.

I-Pirates njengamanje isendaweni yesine ngemuva kokunqoba i-Cape Town City ngoLwesibili, kodwa izokwehlela kweyesihlanu uma i-Arrows inganqoba.

I-Stellies ngakolunye uhlangothi idinga amaphuzu aphezulu kakhulu ukugwema ukuhudulelwa phansi endaweni yokubuyela emuva. Umdlalo wabo use-Danie Craven Stadium eKapa ngo-5 ntambama.

Izihloko zakamuva