Ngabe niyiqembu lebhola lezinyawo elifuna ukwehliselwa ezansi kwe-log? Nangu umdlali wenu

Menzi Magubane

UMohammed Anas odume ngokubonga unkosikazi wakhe nentombi yakhe engxoxweni kamabonakude ebukhoma, usephinde wengeza okunye okubanga amahloni kwi-CV yakhe.

U-Anas ube ngumdlali wokuqala we-PSL ukwehliselwa ezansi kwe-log namaqembu amathathu ahlukene kumasizini amathathu elandelana.

Ngowezi-2018/19 waxoshwa kuFree State Stars. Ngesizini elandelayo, iPolokwane City yamhlenga ekudlaleni i-GladAfrica Championship ne-Ea Lla Koto, waphinde wazithola esehlela ezansi futhi neStars!

Ekuqaleni kwesizini, u-Anas wayezimisele kakhulu futhi eshaya amagoli ngapha nangapha, kodwa kwathi ngenkathi isizini iqhubeka ifomu lakhe lashabalala kwathi iCity – yehliselwa ngezansi.

Nakulokhu lo mgadli wase-Ghana ugweme ibhola le-GladAfrica Championship ngesikhathi ehehwa ukubuyela ku-Premiership eyodlalela iBlack Leopards esuka kuRise and Shine.

Impela kule sizini iLidoda Duvha nayo yehliselwe ezansi kwetafula.

U-Anas udlale imidlalo eyisikhombisa kuLeopards, washaya amagoli amahlanu, kwathi iqembu lakhe lagcina liqoqe amaphuzu angama-23, okuyisibalo esiphansi kakhulu eminyakeni edlule.

Uma engahlengwa ngelinye iqembu abuyele kwi-Premiership, ngesizini ezayo uzobhekana namaqembu akhe amabili angaphambilini kwi-GladAfrica Championship.

Ngowezi-2017 u-Anas wethusa umhlaba engxoxweni ebukhoma kumabonakude ngemuva kokuthola indondo yakhe yokuqala ukuba ngumdlali ovelele ku-Premiership ngenkathi edlalela iStars. Egcwale injabulo, u-Anas wabonga umkakhe nentombi yakhe ngempumelelo yakhe.

Engxoxweni eyasabalala emhlabeni wonke, engazi ukuthi athini u-Anas wazama ukushintsha lesi sitatimende ngokuthi unkosikazi wakhe uyazi ukuthi kwesinye isikhathi ubuye ambize ngentombi yakhe.

Umthombo wesithombe: @supersport

Izihloko zakamuva