Ngabe i-Pretoria News isinike izindaba ezingamampunge zowesifazane obelethe izingane eziyishumi?

Everson Luhanga no-Arthur Greene

NgoLwesibili, udaba lowesifazane wase-Tembisa obelethe izingane eziyishumi ludonse amehlo kwizikhungo zezindaba emhlabeni jikelele.

Amaphephandaba avela e-UK, eNdiya, ngisho nase-Australia abhale izindaba ezihlaba umxhwele zikaGosiame Thamara Sithole, obesanda kwephula irekhodi lomhlaba ngenani lezingane ezizelwe.

Abafunda izindaba emhlabeni wonke babefuna ukwazi kabanzi, kodwa kwenzeka isimanga: Izintatheli zaseNingizimu Afrika azizitholanga izimpendulo.

Indaba yathatha ingwijikhwebu ngenkathi iPhini likaMqondisi-Jikelele we-GCIS uPhumla Williams, ebhala ekhasini lakhe ku-tweet ethi: “Sisebenze usuku lonke namuhla silandelela indaba ye- @IOL yowesifazane obelethe izingane eziyishumi!

“@IOL ngicela usize umphakathi ngendawo lapho okubelethelwe khona izingane!”

Akekho umuntu, kubalwa ne-Pretoria News ekhiphe lolu daba, ongaqinisekisa isibhedlela okubelethwe kuso lezi zingane.

Phakathi kokudideka, iMeya yaseKurhuleni uMzwandile Masina ubhale ku-twitter wathi: “Sawubona @mirriamp siwutholile umndeni futhi siyatshelwa ukuthi izingane ziphilile. Sizokwabelana noMkhandlu Kazwelonke ngolwazi.”

Kodwa lokho bekunganele. Kamuva ngoLwesibili, uMnyango wezeMpilo e-Gauteng uziqhelelanise nesitatimende sikaMasina.

Esitatimendeni, umnyango uthe: “UHulumeni wesiFundazwe sase-Gauteng wenze ucwaningo oluphelele kuzo zonke izibhedlela esifundazweni ukuthola ukuthi yiqiniso noma okungenani ukuthola ngalo mbiko. Azikho izibhedlela esifundazweni, ezikahulumeni nezizimele, ezinamarekhodi okubeletha ngalolu hlobo ezikhungweni zazo.”

Yize imibuzo ibilenga phezu kwendaba yokuba semthethweni kwale ndaba, i-Pretoria News ishicilele udaba icela umphakathi ukuthi unikele ngokusemandleni abo kulo mndeni omusha, okubikwa ukuthi abazali bawo bobabili abasebenzi.

Kusukela izolo, amahhovisi enkampani ephrintayo, i-Lesedi 7 Group, kubikwa ukuthi agcwale izingubo, ukudla nemali ethunyelwe ngamalungu omphakathi anomusa.

Ngaso leso sikhathi, owayengumholi we-DA ePhalamende uLindiwe Mazibuko wasungula i-hashtag ye-national baby shower kuzwelonke esekelwe izinkulungwane zemibhalo.

Kamuva ngoLwesibili ebusuku, kuvele esinye isitatimende okuthiwa besivela emndenini, siqinisekisa ukuthi bathole “izibusiso eziyishumi.” Kodwa indawo abahlala kuyo namanje iyindida.

Umbuzo osamile uthi: ngabe umhlaba ukhohlisiwe yini ukuthi uSithole ubelethe izingane eziyishumi?

Uma kunjalo, unezingane ezingaki ngempela, uma zikhona? Futhi zikuphi ngempela?

Umthombo wesithombe: @AfricaFactsZone

Izihloko zakamuva