Liyakhula isasasa lebhola eSaudi Arabia 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Siyaqhubeka isiphithiphithi kwibhola likanobhutshuzwayo njengoba abanye abadlali abahamba phambili bebhola emhlabeni bebalekela ku-Saudi Pro League.

Kuyakhulu ukugqama kwe-Saudi Arabia kwezemidlalo, njengoba abalandeli abavela emazweni ama-Arab kanye nabadlali beqembu lesizwe lebhola lezinyawo bekhombisa uthando lwabo kwimdlalo edlule yokugcina eyisithupha kweyisishiyagalombili eNdebe Yomhlaba ye-Fifa.

Kube ukudluliselwa kukaCristiano Ronaldo ku-Al Nassr okwadonsa amehlo abantu abaningi abavela kuwo wonke amagumbi omhlaba.

Ukwanda kwethalente kwenye ingxenye yomhlaba kuyinselelo kwelinye ilizwe, njengoba ibhola lase-Europe linokwesaba kakhulu ngokusetshenziswa kwemali okungase kubenze balahlekelwe ngabadlali abangcono kakhulu.

Abadlali ababili be-Chelsea uKalidou Koulibaly noNgolo Kante bangabanye babadlali abaye e-Middle East kanti unozinti wabo u-Edouard Mendy kubikwa ukuthi uzobajoyina kanti lokhu kushiya imibuzo enzima mayelana nne-Blues.

NgoNhlangulana, i-Public Investment Fund yase-Saudi Arabia ithathe amaqembu amane aphezulu ezweni kanti njengamanje bekungakaqinisekiswa ukuthi iphethe ingxenye ye-Chelsea noma cha.

Owayengumdlali wasemuva wase-England nongumpetha uGary Neville usecele i-Premier League ukuthi imise konke ukudluliselwa kwabadlali e-Saudi kuze kube kwenziwa uphenyo olunzulu.

“I-Premier League kufanele ikumise ngokushesha ukudluliselwa kwabadlali e-Saudi Arabia ukuqinisekisa ubuqotho bomdlalo, ” kusho uNeville etshela i-BBC Sport ekuqaleni kwaleli sonto.

“Kufanele kuhlolwe ngokuthengiselana kwabadlali.”

“Uma kuqedwa ngaleyo nqubo ukudluliselwa kwabadlali kungaqhubeka. Kodwa ngikholelwa ukuthi ngokuzayo ukudluliselwa kwabadlali kufanele kumiswe kuze kube yilapho kubhekwa khona ubunikazi be-Chelsea nokuthi kukhona yini ukuthengiselana okuzuzisayo okungalungile.”

Isithombe esingenhla: U-Edouard Mendy

Umthombo wesithombe: @edouardmendy__

Izihloko zakamuva