Ligcwale umoya kumenenja kamasipala kwabuyiswa ebimumisile

Celani Sikhakhane

Ikhonjwe indlela iMenenja kamasipala waseNewcastle uMnuz uVish Govender ngemuva kokusatshiswa ngokuxoshwa emsebenzini nabanye ozakwabo yiPhini leMeya yalo mkhandlu.  

Ngenyanga edlule iPhini leMeya uMusa Thwala liphumele obala emcimbini weqembu lalo okuyi Team Sugar South Africa (TSSA) wathi uzobaxosha bonke abasebenzi bakamasipala abaqashwe kusabusa i-ANC.  

Wathi yena ufuna kuqashwe abantu be qembu lakhe iTSSA nabe IFP namalungu omphakathi ngoba akazukwazi ukuhola abantu be ANC.  

Kungakapheli nesikhathi esingakanani umkhandlu waseNewcastle wama khansela oholwa nguye uThwala kuthe ngesonto eledlule wathatha isinqumo sokukhomba indlela UGovender.  

UGovender uxoshwe esikhundleni sakhe ngesonto eledlule ngemuva kokulwa izinyanga ezimbili ezama ukuvikela umsebenzi wakhe.

UGovender nabanye abasebenzi bebetholene phezulu noThwala ophumele obala ngokuthi ufuna ukuvala izikhala zabo afake amalungu omphakathi, amalungu e-IFP naweqembu lakhe.

“Ngizowaxosha wonke amalungu e-ANC asebenza kamasipala,” kusho uThwala etshela izinkumbi zabantu emcimbini weqembu e-Newcastle.

NgoMsombuluko uThwala uthe ufuna ukuthi uhlelo lwenhlolokhono yesikhala sokuba imenenja kamasipala lungachemi futhi lube nobulungiswa kuwona wonke umuntu.

UGovender ungomunye wabasebenzi ababhekene nekusasa elimfiliba kulo masipala njengoba ubuholi obusha bomkhandlu buhlela ukukhomba indlela bonke abantu abaqashwe ngesikhathi kusaphethe uKhongolose.

UGovender naye wamisa uMelusi Ndima ngoZibandlela ngonyaka odlule ngemuva kwezinsolo zokuthi uNdima wathatha isinqumo sokumisauhlelo lo kwenza izivimba mgwaqo okwenziwa njalo ngamaholide kaZibadlela ngoba ecasulwa ukuthi izikhulu zinqabile ukumnyusela umholo wakhe a befuna ukhushulwe amahlandla amathathu.  

UNdima kuthiwa wakwenza lokhu ngaphandle kokugunyazwa njengoba kungumsebenzi wemenenja kamasipala lowo ongahlangene naye.  

Ngemuva kokuxoshwa kukaGovender, uNdima ubuyiselwe esikhundleni sakhe.

Lo mdonsiswano wenze isimo sashuba e-Newcastle kanti kusolwa ukuthi ukuhanjiswa kwezidingo kubantu kuyaphazamiseka ngenxa yesimo sokungasebenzi kahle kwabasebenzi abasuke besaba ukulahlekelwa umsebenzi.

Kumanje abanye abasebenzi kuthiwa babulawa ukhwantalala kanti abanye sebeze bangena ophuzweni oludakayo bezamanukuziba ingcindezi.  

Abanye kuthiwa baphuma bayangena ezibhedlela ukhwantalala olubamise kabi. 

Izihloko zakamuva