Lidayisiwe ijezi lesihlabani sebhola

Razeen Gutta

Ijezi elaligqokwe inkakha yase-Argentina uDiego Maradona ngesikhathi se-quarter final ye-FIFA World Cup ngonyaka ka-1986 bedlala ne-England selidayiswe endalini ngo-R140 million.

Ijezi liqale ukudayiswa e-Sotheby namuhla ntambama ngemuva kokuchitha iminyaka engamashumi amabili edlule lifakwe kwi-National Football Museum e-Manchester.

Intengo yokugcina cishe yayibiza u-140 milliom okuyimali eyirekhodi yanoma iyiphi into yesikhumbuzo sezemidlalo emlandweni.

Umdlali ongasekho washaya igoli eladuma ngokuthi isandla sikaNkulunkulu ngemuva kokuba owayengumdlali wasesiswini we-Nottingham Forest uSteve Hodge ephakele ibhola endleleni yakhe.

UMaradona wafaka igoli ekhaya ukuze bakhiphe i-England. 

UHodge ubenejezi likaMaradona kusukela ngobusuku abashintshana ngalo ngamajezi nenombolo yeshumi yase-Argentina futhi ngemuva kokuthi alihlalise kwi-National Football Museum lo mdlali owayeyisihlabani se-Three Lions kulo nyaka unqume ukulidayisa.

Ithimba lase-Argentina okuhlanganisa umndeni kaMaradona, inkampani ezimele kanye nenhlangano yebhola kuleli (i-AFA) kubikwa ukuthi bafike e-London bezama ukulithenga kabusha ijezi.

Ophumelele endalini akaziwa okwamanje. Nokho ngokubika kwe-Daily Mail i-AFA ayizange ijabule ngesinqumo sokuqhubeka nale ndali.

“Udayise ijezi likaMaradona ne-AFA ngaphandle kwemvume.

“Bekufanele libe se-Argentina ukuze bonke abantu base-Argentina bayijabulele hhayi ukuthi usozimali afake lelijezi ekhabetheni lakhe,” kusho ilungu lethimba.

Umthombo wesithombe: @TheIndependent

Izihloko zakamuva