Lehlile inani lokungena kwabantu abane-Covid-19 esibhedlela sase-Tembisa

Everson Luhanga

Kuzwakale ukuphefumula okukhulu esibhedlela sase-Tembisa Ekurhuleni njengoba singabhalisanga isibalo esisha sabaphethwe i-Covid-19 ngoMsombuluko mhla zizinye kuLwezi.

Isikhulu sesibhedlela uDokotela u-Ashley Vusi Mthunzi uthi lesi sigameko esiyingqopha-mlando usuku lokuqala ngqa  obelungenabantu abaphethwe i-Covid kusukela ngoNdasa ngonyaka wezi-2020 ngenxa yabantu abaningi abagonywayo.

UDokotela uMthunzi uthe imikhankaso yokuqwashisa nokubhekisiswa kwemithetho efana nokugqoka izifonyo kanye nokuziqhelelanisa nabantu kube nomthelela kule mpumelelo.

Lezi akuzona izindaba ezinhle kuphela kulesi sibhedlela, kodwa nakuso sonke isifundazwe sase-Gauteng njengoba lesi sibhedlela sibhekelela abantu abavela ezindaweni ezahlukene ezintathu.

“Sibhekelela abantu base-Ekurhuleni lapho okukhona isibhedlela, abantu base-Diepsloot abangaphansi komasipala wase-Tshwane, i-Alexandra kanye nabaseGoli,” kusho uDokotela.

UDokotela uMthunzi uthe lesi sibhedlela selaphe iziguli eziyi-2,524 ezitheleleke nge-Covid-19 kusukela lesi sibhedlela sathola isiguli sokuqala.

Isikhathi esibi kakhulu kwaba nguNtulikazi ngesikhathi kuqubuka igagasi lesithathu lapho isibhedlela samukela khona iziguli ezingama-234 ngosuku olulodwa.

Okhulumela umnyango uNoko Pela uthe ngaleso sikhathi kwakumele bathenge kabusha imibhede eyengeziwe.

“Amawodi e-Covid-19 u-16, u-18, no-20 obekungowodokotela bamathambo nabahlinzayo ngaphambi kokuba kubheduke i-Covid-19, manje ahlala iziguli ezijwayelekile.

“Iwodi lesishiyagalombili obekuyiwodi yezokwelapha, usephinde wayalela ukuthi odokotela bamathambo baqhubeke nokuhlinzwa kwabo okukhethekile.”

Uthe okwamanje isibhedlela sesimi ngomumo futhi silungiselela igagasi lesine elilindelwe – uma lifika.

Izihloko zakamuva