Kuzokhunjulwa iNdlovukazi kaZulu uMantfombi ngetshe

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Isizwe sikaZulu sizokhumbula iNdlovukazi uMantfombi osekuphela iminyaka emine akhothama ngemuva kwezinyanga ezimbili ebambe isihlalo sobukhosi bukaZulu.

Lokhu kuvele esimemezelweni esenziwe abantwana bakwaKhangela Amankengana ngoLwesibili ekuseni.

Bathe kuzophinde kuvulwe itshe lokumkhumbula nemisebenzi yakhe ayenzele isizwe.

“Sicela ukunimema esikhumbuzwemi seNdlovukazi uMantfombi esizoba ngomhlaka 18 kuNhlaba ngoMgqibelo nalapho esizobe sembula netshe lesikhumbuzo sakhe. Bonke abayophumelela siyocela bagqoke imvunulo yabo,” kuchaza isimemo.

Indlovukazi uMantfombi ingudadewabo weSilo uMswati iii kanti ukukhothama akwakhe kwasusa omkhulu umbango wesihlalo sikaZulu.

Kuthiwa yena wayephakamise uMntwana uSimingaye okuyindodana yakhe encane.

Nokho umeluleki wakhe wezomthetho okungu-Advocate Zandile Mshololo kuthiwa wathi akaqhubeke negama leSilo uMisuzulu kaZwelithini ngoba nguye omdala.

Kodwa manje umbango uphakathi kukaMntwana uSimakade kaZwelithini neSilo uMisuzulu.

UMntwana uSimakade kaZwelithini uthi nguye oyindlalifa yeNdlovukazi uMantfombi ngoba yamfaka esiswini sayo ngokosiko.

Lo mbango kumanje useNkantolo yokuDluliswa kwaMacala eBloemfontein.

Indlovukazi uMantfombi ichonywa uphaphe lwegwalagwala ngokusiza omama basezindaweni zasemakhaya, ikakhulukazi kwaNongoma ukuba basebenze ngokubambisana ukwakha imifelandawonye yokuba bakwazi ukuxosha ikati eziko.

Wabuywe wahlonishwe ngokusungula umkhosi wesivivana womama ukuze bakwazi ukukhangisa kuwo imikhiqizo yabo.

Indlovukazi ikhothame esibhedlela eGoli. UMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi wamemezela ukuthi yayidlisiwe.

Mhla itshalwa yafihlwa ethuneni elalilikhulu lingangendlu ngehora leshumi nambili.
Abesilisa kwakuyibo kuphela ababevunyelwe.

Izihloko zakamuva