Lungani Zungu
Lowo owayeyiMeya yeTheku uZandile Gumede uthi ukholwa wukuthi amacala akhe ahlobene nezepolitiki.
UGumede uvele eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoMsombuluko ngamacala akhe obugebengu asukela kwithenda yemali eyizigidi ezingama-R430 ye-Durban Waste.
Kwingxonxo abe nayo ne-Scrolla.Africa, uthe la macala kuhloswe ngawo ukucekela phansi umsebenzi wakhe wezepolitiki kodwa uzoqhubeka nokulwa ukuze ageze igama lakhe.
“Yize ngibhekene namacala nokushushiswa, angisoze ngayishiya i-ANC. I-ANC yikhaya lami,” esho.
Icala lakhe, kanye namanye ayi-19, ahlehliselwe kumhla zingama-30 kuLwezi.
UGumede nabasolwa kanye naye – okubandakanya imenenja yedolobha laseThekwini emisiwe uSipho Nzuza, owayeyimenenja yezokuthengwa kwempahla uSandile Ngcobo, owayesebenza kumasipala weTheku uRobert Abbu kanye nekhansela eliphezulu le-ANC kumasipala weTheku, uMondli Mthembu – babhekene namacala enkohlakalo kanye nawokukhwabanisa imali.
UGumede ubanga isikhundla sokuba nguSihlalo weTheku, okuyisikhundla ayesiphethe ngaphambi kokuhlakazwa kobuholi besifunda.
UNobhala we-ANC esifundazweni uMdumiseni Ntuli phambilini wathi zonke izingqungquthela zesifundazwe zizoba ngaphambi kokuphela kukaNhlangulana.
Ummeli kaGumede, uJay Naidoo, uthe umbuso wengeze amacala ngaphezu kwamacala enkohlakalo nokukhwabanisa.
UGumede ozethembayo uthe uma amagatsha e-ANC emqoka, uzolungenela ukhetho.
Ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseThekwini, utshele inqwaba yabalandeli bakhe ukuthi uzolwa ngoba i-ANC akuyona eyabantu abathile.
“Ingeyamalungu e-ANC wonke,” esho.
UGumede, naye oyilungu lePhalamende, unqabile ukwehla esikhundleni sakhe ngokuhambisana nenqubomgomo yeqembu yokubeka eceleni amalungu abhekene namacala enkohlakalo.
Ungumuntu osondelene kakhulu nowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma kanye nakuNobhala-Jikelele we-ANC omisiwe u-Ace Magashule.
“Bheka abantu ababhekene namacala. Kuyacaca ukuthi kukhona abantu ababhekiwe.”
UGumede uyingxenye yeqembu le-ANC elibizwa nge-Radical Economic Transformation elihambisana noZuma.
Umsekeli kaGumede uMuzi Khesw, obesenkantolo, uthe uzoma noGumede.
“Iqembu lakhe limphathe kabi. Sima ngakuye aze aphele wonke amacala abhekene nawo,” esho.