Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
EzaseBukhosini: Amakhosi ahlonishwayo ezwenikazi lase-Afrika ikukhulukazi ngaphansi kweSadc, abukeka ezithela ngabandayo enkingeni ekhungethe iNingizimu Afrika ngezakhamizi zakwamanye amazwe okubalwa nezisuka ebukhosini bawo ezikuleli ngokungemthetho njengoba kunovalo lokuthi izimpilo zalezi zakhamizi zisengcupheni ngenxa yentukuthelo yabantu baseningizimu Afrika.
Lapha sibala Ingonyama uMswati III Kanye neSilo saseLesotho, uLetsie III abangakaze bathi vu selokhu wonke amazwe aseNingizimu nezwekazi lase-Afrika esephefumulile ngokwenzeka eNingizimu Afrika odabeni lokuxoshwa kwalabo abasezweni ngokungemthetho.
Lamakhosi ahlonishwa kakhulu kanti ukuzwa izwi lawo kanye nomhlahlandlela ukulekelela iNingizimu Afrika kulolu dungunyane ebhekene nalo, mhlampe kungawehlisa umsindo nokungenza nalabo abathukuthele bazibone bengebodwa kule akinga ethwalise kanzima uHulumeni. INgonyama uMswati III uthathwa njengomalume wesizwe eNingizimu Afrika nokwenza izwi lizwakale kangcono kunabanye abaholi basemazweni ase-Afrika uma kunenkinga eMzansi.
Ngisho abantu bakhe abakuleli ngokungemthetho, abavamisile ukuhlukunyezwa emphakathini uma kuliwa nabantu abathutheleka eNingizimu afrika bengenamaphepha ngoba bathathwa njengomzala besizwe.
Nakuba bekhona izigameko zabanye abazithola behlukumezeka kodwa iqiniso ukuthi amaSwati awakutholi ukuhlukumezeka ngoba abakuleli baze basho nokuthi “abakwethu labo”.
Kodwa nakuba kunjalo zikhona izigameko ezibalwayo njengoba intukuthelo ingaka ngabokufika abangenamaphepha lapho okutholakala khona kuthinteka abaseSwatini ikakhulukazi abashayela amaloli ngoba nabo besolwa ukuthi baqashwa esikhundleni sabantu bakuleli kodwa okungeyona into ethene kwesinye isikhathi.
NabaseLesotho ngokunjalo nabo basesimeni sobudlelwano obuhle nelakuleli , kunye kuphela abaseLesotho okubaqhatha nezakhamizi zaseNingizimu Afrika amaZama Zama abayingxenye yawo emigodini yezimayini eziningi esezasala dengwane nezingekho emthethweni.
Ngaphandle kwalokho izakhamizi zaseLesotho sezibeziningi ezitholakala ziqashwe emafemini akwaSithebe nawaseNewcastle zingenawo amaphepha okuba kuleli kodwa zitholakale zisebenza ngaphansi kwezimo ezifakisa amahloni ngenxa yokuxhashazwa abaqashi ngoba zingenawo amalungelo.
Kodwa nakhona lapho asikaze sizwe Ukgosi Letsie III ephawula ngaphandle kokuthi kukhona lapho aphawula khona ngokuhlukumezeka kwezakhamizi zezwe lakhe emingceleni yakuleli uma ziwela zizongena eNingizimu Afrika.
Nalapho uKgosi Letsie III wayecasulwe ukuhlukunyezwa kwakhe esangweni lomngcele ongenela kuleli nalapho axabana khona nabasebenzi basemngceleni ababemthwalise kanzima ukuze akwazi ukungena ezweni.
Ngakolunye uhlangothi uMswati III yena bekubhekiwe ukuthi kukhona azokusho ngalolu daba ngesikhathi kunezingxoxo phakathi kwakhe neNingizimu Afrika neMozambique ngokusungula amathuba omnotho azobasemingceleni yalamazwe ukuze kunqandwe indaba yabantu abangena ezweni ngokungemthetho.
Amakhosi asadlala indima emizweni yabantu ngoba uma ethi ayihlasele, abantu bagxuma bavukwe usinga noma ngabe ababuphi ubuzwe.
Yingakho isikhathi esiningi uma sekukhulume amakhosi abantu bayalalela kunokuba kukhulume osopolitiki abaziwa ngokuthi bona bayaxokiza ngoba befuna amavoti.
