Kuthungathwa umsolwa ohlasele iciko

Dylan Bettencourt

Iciko laseNingizimu Afrika, u-Esther Mahlangu, odume ngobuciko bakhe besiNdebele, ushaywe, waklinywa futhi wabanjwa inkunzi ekhonjwe ngesibhamu kule mpelasonto.

Amaphoyisa aseMpumalanga aphume umkhankaso wokuthungatha izigilamkhuba ngemuva kokuthi uDkt Mahlangu (86), ephucwe isibhamu sakhe nesamba semali esingadalulwanga.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant-General Semakaleng Manamela uthe lesi sigameko senzeke ngoMgqibelo ntambama.

“Imininingwane yokugetshengwa ikhomba ukuthi ngosuku olushiwoyo, isalukazi, ebesisodwa ngaleso sikhathi, besilungiselela ukulala ngemuva kokuthi sikhiye yonke iminyango yendlu yaso. Okuxakayo wukuthi sibone indoda engaziwa endlini yaso.

“Kusolakala ukuthi owesilisa umbambile wamshaya ngesibhakela ebusweni, ngaphambi kokumbopha izandla zombili ngentambo, wase ezama ukumklinya waze waquleka,” kusho uManamela.

UDkt Mahlangu kuthiwa akasakhumbuli ukuthi kwenzekaleni ngemuva kokuthi ashaywe aze aquleke.

Ngesikhathi ephaphama, uye waqaphela ukuthi umuzi wakhe uphangiwe futhi isibhamu sakhe sebiwe endaweni ephephile asigcina kuyo kanye nemali ethile.

Leli ciko elidumile lithole imihuzuko eminingi ebusweni balo ngemuva kokuhlaselwa.

“Kuyihlazo ukuzwa ukuthi izalukazi zethu manje zihlaselwa yizigebengu ezingenanhliziyo nezingenazwelo. NgeSonto, sibe nesigameko lapho okuklinywe khona kwabulawa ikhehla elihola impesheni e-Delmas,” kwengeza uManamela.

“Lokhu akukwazi ukuvunyelwa ukuthi kuqhubeke ngaphandle kokunqandwa. Umuntu owenze lesi senzo esibi komunye wamaqhawe ezwe kumele azingelwe ngokushesha futhi aboshwe.”

UMahlangu wathola indondo ye-Officer in the French Order of Arts and Letters emgubhweni okhethekile owawubanjelwe e-France ngo-2019.

Umthombo wesithombe: @Artsy

Izihloko zakamuva