Lubhalwe nguLungani Zungu
UZahara Haraun ubambelele ezinkumbulweni ezibalulekile ngemuva kokuminza kwendodakazi yakhe (8) uRahma Rashide ngesikhathi kunemvula enamandla KwaZulu-Natal.
Abantu bakule ndawo bebelokhu bethungatha isidumbu sikaRahma oduke kusukela ngoLwesihlanu ngesikhathi emuka ezama ukuwela ibhuloho elingaphansi komfula uMsunduzi eMgungundlovu.
“Ubeyintombazanyana ehlakaniphile nehloniphayo. Ngiyamkhumbula. Ngiyakukhumbula ukumamatheka kwakhe. Ngingajabula uma ngingathola isidumbu sengane yami ukuze ngizoyingcwaba ngesizotha,” kusho uZahara obedabukile ekhala.
Lo mndeni ungowase-Democratic Republic of Congo kodwa usuneminyaka engaphezu kweyishumi uhlala kuleli.
URahma osemncane ubefunda ibanga lesibili esikoleni samabanga aphansi i-Ashdown eMgungundlovu.
Selokhu indodakazi yakhe yaminza, uZahara akasadli futhi akakwazi nokulala ebusuku.
“Izinkumbulo ziyabuya uma ngizama ukulala ebusuku. Angikwazi ukudla ngoba angazi ukuthi isidumbu sengane yami sikuphi.”
Elandisa ngosuku olubuhlungu okuminze ngalo indodakazi yakhe, uthe babezama ukuwela ibhuloho beya kubo ngesikhathi omunye wesilisa ethi uzomsiza ngokuthwala indodakazi yakhe ayiwelise umfula.
Ngesikhathi ezama ukunika owesilisa ongaziwa indodakazi yakhe, iye yaphunyuka esandleni kwaba okokugcina ebona uRahma.
Ikhansela lesigceme uMnu Dumisani Phungula uthe: “Sizoqhubeka nokuthungatha isidumbu sakhe size simthole. Simcinge kusukela ngoLwesihlanu, kodwa asikakamtholi.”
URahma – ongowesibili ezinganeni ezine – kuqinisekiswa ukuthi nguyena yedwa oshonile ngenxa yemvula enamandla KwaZulu-Natal nakwezinye izingxenye zezwe – eshiye abantu abaningi bengenamakhaya.
Umndeni wase-Msinga usinde ngokulambisa ngesikhathi kudilika indlu, nokuyinhlekelele eyenze ukuthi amalungu omndeni alimale kanzima kanti asalulama esibhedlela.
Uhulumeni waKwaZulu-Natal uthe ubala izindleko zomonakalo.
Kodwa-ke, noma kunjalo izindleko zakamuva ngeke zifike kumonakalo owadalwa izikhukhula zangoMbasa lapho okwashona khona abantu abangaphezu kuka-400 zashiya abaningi bengenamakhaya.
Ukulimala kwempahla – imigwaqo, izakhiwo kanye nengqalasizinda – kulinganiselwa ukuthi kuzodla izigidigidi zamarandi ukulungisa.
Abantu abaningi basasele dengwane kulandela izikhukhula zangoMbasa.
Esithombeni esingenhla: URahma Rashide (8) ominze eMgungundlovu ngemuva kwemvula enamandla ebihlasele KwaZulu-Natal ngesonto eledlule.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe