Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa elingusayitsheni kwalimala kabi elinye iphoyisa ngesikhathi behlaselwa yizigebengu ebezihlomile e-Vosloorus, eKurhuleni.
Amaphoyisa amabili e-SAPS esiteshini samaphoyisa e-Vosloorus adutshulwe eyolanda uzakwabo ku-Mvemve Street esigcemeni sase-Mailula ngoLwesibili.
Ngesikhathi befika emzini kazakwabo, amaphoyisa kusolakala ukuthi aphazamisa izigebengu ebezihlomile ebeziphakathi nokugqekeza.
Abasolwa, bebona imoto yamaphoyisa ngaphandle, bacabange ukuthi amaphoyisa abephendula kulesi sigameko sokugqekeza ebesiqhubeka. Bavulele ngenhlamvu ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko.
Womabili la maphoyisa alimalile kulokhu kuhlasela kanti ngokudabukisayo, elilodwa lashona.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng uLieutenant-Colonel Mavela Masondo uthe amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa abathinteka esigamekweni sokudubula.
UMasondo uthe amaphoyisa amabili angosayitsheni abephakathi emotweni ngesikhathi abasolwa bedubula kaningi bebhekise kuwo.
“Amaphoyisa aphuthunyiswe esikhungweni sezempilo esiseduze, lapho usayitsheni wesifazane eshonele khona ngenxa yamanxeba okudutshulwa. Elinye iphoyisa lisesimweni esibucayi.”
Abasolwa baphuce amaphoyisa izibhamu zawo ngaphambi kokuba babaleke, kusho uMasondo.
Uphenyo lokuqala luveza ukuthi abasolwa bebegebenga umuzi ngesikhathi bebona imoto yamaphoyisa ima eduzane. “Ngaleso sikhathi babhekane namaphoyisa baqala ukudubula,” kusho uMasondo.
UKhomishana wesiFundazwe sase-Gauteng uLieutenant General Tommy Mthombeni usejube amaphoyisa eminyangweni eyahlukene ukuthi athungathe abasolwa, abasagcwele amathafa.
Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungasiza ophenyweni noma ekubambeni abasolwa ukuthi athinte isiteshi samaphoyisa esiseduze noma ashayele i-Crime Stop ku-08600 10111.
Esithombeni ngenhla: Indawo yesigameko.
Umthombo: Ifayela
