Kutholwe isithombe sesibhamu esimataniswa nokubulawa kukaMeyiwa

Isithombe sesibhamu sohlobo lwe-9mm esiyisiliva ngobugolide esitholwe kumakhalekhukhwini kamsolwa wesithathu uMthobisi Mncube ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa sibhalwe ukuthi “umshini wami wokubulala”.

USayitsheni Moses Mabasa ongufakazi woMbuso wesihlanu ophinde abe umhlaziyi womakhalekhukhwini udalule lokhu ngesikhathi ethula ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseGoli ngoLwesibili.

Amadoda amahlanu abhekene necala lokubulala uSenzo Meyiwa owadutshulwa emzini kanina wentombi yakhe uKelly Khumalo e-Vosloorus ngomhlaka-26 kuMfumfu ngo-2014.

Abasolwa okunguMuzikawukhulelwa Sibiya, uBongani Ntanzi, uMthobisi Mncube, uMthokoziseni Maphisa kanye noSifiso Ntuli bawaphikile amacala okubulala, okuzama ukubulala, ukugebenga nokutholakala nesibhamu kanye nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

USayitsheni Mabasa uveze ukuthi wathola i-CD eyayine-data eyayithathwe kumakhalekhukhwini kaMncube owathathwa ngesikhathi eboshwa.

Phakathi kwezithombe ezahlukene ezitholwe kumakhalekhukhwini wakhe kukhona izithombe zowesilisa, amatekisi, imali engu-R100 no-R200 kanye nesibhamu sohlobo lwe-9mm esibhalwe ukuthi “umshini wami wokubulala.”

Phezu kwalobu bufakazi inkantolo iphinde yezwa ukuthi inhlamvu yesibhamu etholwe ngasemnyango wekhishi ixhumene nesibhamu esatholwa kuMncube.

Umshushisi uthe udokotela ohlola izidumbu uzoqinisekisa ukuthi ukushona kukaMeyiwa kuhambisana nenxeba lokudutshulwa lenhlamvu eyangena enhliziyweni nasephashini.

Ungoti wezibhamu uzophinde aveze ukuthi inhlamvu ihambisana nesibhamu esatholakala kuMncube.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: USenzo Meyiwa

Izihloko zakamuva