Kusolwa ikhansela le-ANC ngokugwazisa ngenkani osonkontileka abafaka iFibre kwaDukuza

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kusolwa ikhansela likaKhongolose ngokugwazisa osonkontileka maqede libaphuce imsebenzi wokufaka ifibre eward 10.

Kumanje abanikazi benkampani bayalwa ngoba bethi lo msebenzi ababenikezwe wona,babone usuwenziwa enye inkampani okuthiwa iVuma.
Imithombo ehlebele iScrolla.Africa ngalolu daba iveza ukuthi ukhansela Thubelihle Dube ngendlela abevutha ngayo efuna le mali, kuphoqeleke ukuba akhokhelwe ingxenye ka-R20 000 obekungu-R10 000.

“Le mali ikhokhwe ngoPayShap kwaCapitec ngoba ubengabambeki eyifuna. Eyokugcina bahambe bayomnikeza kwakhe kodwa ngemumva kwalokho uwumisile umsebenzi wathi kunezichibiyelo ezithinta ithenda okumele zenziwe ngokwamaphepha. Kuthe sisalinde lokho sabona sekunenkampani esingene endaweni yethu okuyiyo esisebenza nokuthiwa iVuma,” kuchaza umthombo.

Ukhansela uThubelihle Dube utshele iScrolla.Africa ukuthi lezi zinsolo ziyitulo lemikhankaso yangaphakathi ku-ANC yalabo abadicilela igama lakhe phansi.
Uvumile ukuthi kunemali ayithola kodwa uthi le mali bekuyisipho ayinikezwa umngano wakhe.

“Leyo mali engu-R10 000 yangena impela kimi futhi ngangiyiphiwa umngani wami. Okunye angikwazi. Ngaphandle kwalokho ngayibika emkhandlwini ngokwemogomo esilawulayo yokuba sidalule imali esisuke siyiphiwe eqala ku-R300. Uyabona laba bantu basempini engingaqali ukubhekananayo kule minyaka eyishumi yobukhansela. Empeleni njalo uma sekuza ukhetho silwiswa kanje ngokudicilela amagama abanye abantu phansi,” kusho uDube.

Uthe umona nempi abhekene nayo ukuthi igatsha lakhe limqoke wabaphambili ohlwini lokumele babengamakhansela ngemumva kokhetho oluzoba ngoLwezi lo Hulumeni basekhaya.
Uqhube wathi inkampani iVuma iyasebenza futhi isiqashe abantu bendawo abangu-70.

Izihloko zakamuva