Kusolwa abesifazane abagqoka izigqebhe ngezingozi e-Uganda

Inhlangano yabahwebi edolobheni lase-Uganda, i-Lira, isola abesifazane abagqoka izigqebhe eziveza amathanga ngokuphazamisa abashayeli abagcina bedala izingozi zomgwaqo.

Ngakho-ke abesifazane abasavumelekile ukugibela amaloli bahlale ngaphambili.

I-Agence France Presse ibika ukuthi lo myalelo uvimbela ngisho amakhosikazi abo ukuthi ahlale ngaphambili.

Bathi konke lokhu bakwenza egameni lokuthi bafisa wonke umuntu aphephe.

“Abanye babo bagqoka izingubo ezimfishane eziveza amathanga okugcina sekuphazamisa abashayeli ekutheni bashayele budedengu kugcine sekuba nezingozi eziningi emgwaqeni kushone abantu” kusho uPatrick Opio Obote,  ongusihlalo weqembu labadayisi basemakethe engomahamba nendlwana edolobheni i-Lira, etshela abe-AFP.

“Ukuvinjelwa kwabantu besifazane sebekuvumele ezweni, futhi bonke abashayeli nabagibeli bayakuthobela lokho.”

Isishoshovu samalungelo abesifazane u-Alice Mugwanya Kabijje ukuchaze njengokucabanga okungahlakaniphile kanye nobufakazi bokuthi amadoda afisa kanjani ukuthi abesifazane bahlale ekhishini bangenzi lutho.

Izihloko zakamuva