Kushone amaphoyisa amane engozini enyantisa igazi yase-Eastern Cape

Zukile Majova

Amaphoyisa amane ase-Mount Ayliff nase-Mthatha ashone engozini enyantisa igazi eyenzeke ngaphandle kwaseNgcobo e-Eastern Cape ngeSonto ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier uTembinkosi Kinana uthe umuntu oyedwa okukholakala ukuthi ubesemotweni efanayo obekuhamba ngayo amalungu e-SAPS naye ushonele khona lapho.

“La maphoyisa amane abebuya esifundeni sase-Chris Hani lapho bebeqhuba khona imikhankaso yokulwa nobugebengu nemikhankaso yokuqwashisa imiphakathi kanye nezikole.

“Amalungu ashonile aneminyaka ephakathi kwengama-25 nengama-35 abebekwe esifundeni i-Alfred Nzo kanye nase-OR Tambo ngokulandelana, kanti abandakanya abesilisa abathathu, oyedwa wesifazane oyilungu le-Public Service Act nomuntu oyedwa ovela emphakathini.”

ULieutenant General Liziwe Ntshinga uthe useyalele ukuthi kwenziwe uphenyo olusheshayo ngale ngozi ebuhlungu.

“Njengabaphathi be-SAPS sishaqekile ngalezi zindaba ezibuhlungu. Asikudingi lokhu futhi ukuhamba okungazelele okuzwisa izinhliziyo ubuhlungu kwabaholi bethu abancane kusishiye sibambe ongezansi.”

Imigwaqo ezungeze idolobha laseNgcobo isimenyezelwe njengezingcuphe ezinkulu zezingozi.

Eminyakeni emithathu edlule, kwashona abantu abayi-12 ngesikhathi ibhasi ligingqika ku-R58 amakhilomitha amahlanu ukusuka eNgcobo.

Ngumgwaqo ofanayo ohlanganisa uNgcobo noMthatha othathe izimpilo ezinhlanu ngeSonto.

Futhi ngoNhlolanja ngowezi-2018, amaphoyisa amathathu ase-North West ashonela ngaphandle kwaseNgcobo ngesikhathi imoto yawo ishayisa ihhashi ebusuku.

Amalungu e-North West Tracking Team abese-Eastern Cape ukuthungatha umsolwa ofunwa ngamacala akuleso sifundazwe.

Izihloko zakamuva