Kushona owesithathu ngokuphuza utshwala obenziwe ekhaya

Kabelo Tlhabanelo

Ngesonto eledlule, abakwa-Scrolla.Africa babike ngabangani ababili abashone ngoNcibijane ngemuva kokuphuza utshwala obuxutshwe ne-sanitiser ne-fizzy drink phakathi kwezinye izinto.

NgoLwesithathu, omunye umngani wabo naye ushonile.

UDieketseng Ratsiu, oneminyaka engama-24, noManyane Phahloli, oneminyaka engama-20, bashone ngemuva kokuphuza umhlanganiso ephathini. Umngani wabo, uNobengazi Moahloli, oneminyaka engama-23, manje naye ushonile ngemuva kokuhlala e-ICU amasonto amabili.

Laba abathathu abashonile kanye nabanye abangane abane base-Turflaagte e-Mangaung abalaliswe esibhedlela, kodwa ngenhlanhla laba abane basindile.

Amantombazane amathathu azobekwa endlini yawo yokugcina ngomncwabo owodwa ngoLwesihlanu.

Umfowabo omdala kaNobengazi uMxolisi uthe uNobengazi wayethandwa umphakathi.

“Usizile ekulweni nobugebengu futhi waduduza nezisulu zobugebengu,” uyasho.

Udadewabo kaManyane, uSylvia ubekubheke ngamabili ukuthi uManyane aqede izifundo zakhe zeminyaka emithathu zokuphatha amabhizinisi kulo nyaka.

“Ngizomkhumbula ngomsido wakhe kakhulu kanye namahlaya akhe. Udadewethu ubefana nendlovukazi yomphakathi,” kusho uSylvia.

Ikhansela lesigceme uTheodorah Leeuw uthe la mantombazane amathathu ahlala esitaladini esisodwa futhi azofihlwa ngoLwesihlanu ngo-11 ekuseni e-Turflaagte.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Free State uMondli Mvambi uthe: “mhla ziyisithupha kuMasingana sizwe ngokushona kowesifazane oneminyaka engama-23 owangeniswa e-ICU esibhedlela sase-Pelonomi kulandela ukufakwa kwesidakamizwa okusolakala ukuthi sinoshevu esachazwa njengesokuzenzela umhlanganiso odakayo.”

UMvambi uthe uNgqongqoshe wezeMpilo uMontseng Tsiu uthumele amazwi enduduzo kuyo yonke imindeni yabashonile.

Izihloko zakamuva