Kushe ibandla emuva kokushaywa umbani

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Sishe saba umlotha isakhiwo sesonto e-Kagiso ngoMsombuluko ngemuva kokushaywa wumbani.

Awukho umkhuleko noma igazi likaJesu ebelingavimba isehlakalo esenzeke ebandleni i-Church of Jesus Christ of Latter Day Saints e-extension 6.

Amalungu ebandla nezakhamuzi eziseduze azikwazanga ukuhlenga indlu yesonto abayibukele isha ingqongqa phambi kwabo.

Yize kwenzeke lokhu, osomathuba – abachazwa njenge zingelosi zikasathane – bagqekeze isakhiwo bantshontsha impahla yebandla.

Esinye isakhamuzi esiyilungu lebandla sithe kuyadumaza ukuthi abantu basebenzise ithuba elinje ukwenza imkhuba.

“Esikhundleni sokuthi abantu basize ngokucisha umlilo bazisize ngokuntshontsha ebandleni,” usho kanje.

Uthe leli bandla liphinde lisetshenziswe njengendawo lapho abantu abangasebenzi, ikakhulukazi intsha, bekwazi ukusebenzisa amakhompyutha ne-internet yamahhala ukubheka amathuba omsebenzi.

“Amasela antshontshe ama-laptop nezinye izinto ezibalulekile ngaphambi kokuthi umlilo ucekele phansi yonke into ekuleli bhilidi. Bekungemnandi ukubona konke obekwenzeka,” usho kanje.

Owesilisa ongathandanga ukudalulwa igama, uthe umlilo uqale ngemuva kokuduma kwezulu elibi.

“Umbani ubumubi kakhulu. Ngokushesha sabona isonto livutha umlilo. Abanye bazamile ukusiza ukucisha umlilo futhi kwaba nemvula encane kodwa lokho bekunganele ukuhlenga indlu yesonto.”

Ilungu lebandla uSiphokazi Thole ohlala kule ndawo, uthe uNkulunkulu uzobajezisa abantu abasizakale ngokuntshontsha ebandleni.

Esithombeni esingenhla: Isakhiwo sesonto esishe saba ngumlotha e-Kagiso ngoMsombuluko. 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva