Kushaqeke abaningi i-Morocco iguqisa i-Spain 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

I-Morocco idlulele kuma-quarter final eNdebe yoMhlaba ye-Fifa okokuqala ngqa ngemuva kokuhlula i-Spain ngo 3-0 sekukhahlelwa amaphenathi ngoLwesibili ebusuku.

I-Morocco sekuyiyo kuphela izwe lase-Afrika elisele kulo mqhudelwano, yize ingene kulo mqhudelwano ingelinye lamaqembu abengathenjwa.

Kuncane kakhulu okuhlukanisa la mazwe ngokwendawo futhi akukho obekuhlukanisa la maqembu amabili ngemuva kwemizuzu engu-120 yomdlalo.

Ama-Atlas Lions ebengaphansi kwengcindezi enkulu ezandleni ze-Spain kodwa ukuzivikela kube namandla ukunikeza i-Morocco ithuba layo elihle lokuqhubekela phambili – kumaphenathi.

Ukungena kweyomkhumulajezi kube impumelelo eyanele kwi-Morocco edlule esigabeni samaqoqo okokuqala kusukela ngeNdebe yoMhlaba yango-1986.

Kodwa-ke, kuze kwaba ngcono kakhulu kwi-Morocco ngesikhathi uPablo Sarabia egeja iphenathi yokuqala ye-Spain.

U-Abdelhamid Sabiri ushayele i-Morocco iphenathi enhle ngaphambi kokuthi uCarlos Soler we-Spain ageje iphenathi yesibili.

Unozinti we-Morocco, uYassine Bounou ubeyiqhawe  lezwe lakhe. Kodwa-ke, kube nokudumala ngesikhathi uBadr Benoun egeja iphenathi yakhe.

Ngesikhathi isihlabani sase-Spain, uSergio Busquets engena enkundleni uye wamoyizela ngokuzethemba ebheke uBounou ngaphambi kokukhahlelela ibhola ezandleni zikanozinti. I-Spain  sihlulwe ngo 3-0.

Kungokokuqala emlandweni we-Morocco ukuthi ifinyelele kuma-quarter-final eNdebe yoMhlaba.

Manje i-Morocco ibhekene nomsebenzi onzima wokudlala ne-Portugal, kodwa iqembu eliphuma eNyakatho ye-Afrika  libonakala lingathukile.

UWalid Regragui neqembu lakhe bangenelwe igoli elilodwa kuphela kuyo yonke imidlalo, futhi lokho bekuwumgomo wabo.

Ngaphandle kokungabaza, i-Afrika izobe yeseka i-Morocco uma izongena esigabeni samaqembu ayisishiyagalombili ahamba phambili ngoMgqibelo mhla zilishumi kuZibandlela.

Esithombeni esingenhla: Iqembu lesizwe lase-Morocco

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva