Lubhalwe nguNontokozo Gemani
Abebemasha bahlukane phakathi emijondolo yaseMarikana, abanye befuna ukungena ezipaza nasezindlini ukuze bakhiphe abokufika.
Amaphoyisa ahlukanise la maqembu womabili ngesikhathi abahleli bengenelela ukudambisa ukushuba kwesimo nokugcina imashi inokuthula.
Kushube isimo ngesikhathi kunemashi yokulwa nokufika kwabantu kuleli ngokungemthetho KwaThema ngoLwesibili ngesikhathi izakhamuzi zihilizisana ngodaba lokuthi ziqhubeke zimashe ngokuthula noma zingene ngenkani ezindlini nasezindaweni ezinezipaza esigcemeni saseMarikana zithungatha abokufika.
Imashi iqale ngokuthula eNdaba Three, lapho izakhamuzi bezihlangene khona njengengxenye yemibhikisho ezweni lonke ephikisana nokuphuma kwabantu kwamanye amazwe ngokungemthetho.
Basuka lapho, bahamba ngomgwaqo u-Valkfontein bebheke emijondolo yaseMarikana, lapho izipaza eziningi ziphethwe abantu bakwamanye amazwe. Amaphoyisa e-EMPD nawe-SAPS aqaphe isimo ngaso sonke isikhathi.
Ngesikhathi leli qembu lifika eMarikana, elinye iqembu labamashi lalifuna ukungena ezipaza nasezindlini lapho kuhlala khona abokufika. Bathe izikhalo namamashi aphambilini azikaluxazululi lolu daba.
Elinye iqembu alivumelani nalo, lathi amaphoyisa kumele aqale abheke amaphepha abadayisi bese elandela imigudu yomthetho.
“Sifuna ukungena umuzi nomuzi sikhiphe bonke abokufika ngoba sifuna bahambe basishiye ezweni lethu, hhayi le mashi enokuthula eyenzekayo,” kusho isakhamuzi saKwaThema uGugu Ndaba.
Amaphoyisa aphoqeleke ukuthi ahlukanise la maqembu womabili njengoba isimo besisongela ngokushuba. Abahleli baphinde bangenelela ukudambisa ukushuba kwesimo nhlangothi zombili.
“Asizelanga ukuzolwa namaphoyisa lapha. Size lapha ukuzolwa nokuntuleka kwemisebenzi,” kusho esinye isakhamuzi ngesikhathi kuqhubeka umdonsiswano.
Umgqugquzeli wemashi, ocele ukungadalulwa, uthe umbhikisho ulandela imashi yangaphambili yaKwaThema ebingomhlaka-1 kuNhlangulana, eholwa nguNkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel’umthakathi.
Uthe izakhamuzi zicikwa abantu bakwamanye amazwe eziqhuba amabhizinisi nokuhlala endaweni, ukuqhudelana kwemisebenzi, kanye nengcindezi ezikoleni zakuleli.
Abahleli bacele uhulumeni ukuthi alungise lezi zinkinga.
Emuva kokuthi abaholi namaphoyisa bedambise isimo, imashi iqhubeke ngokuthula yangena kuKgaswane Street, amalungu omphakathi amaningi ahlanganyela njengoba abebemasha bebheke ehostela laKwaThema.
Akukho kulimala noma umonakalo obonwe ngesikhathi sale mashi.
Esithombeni esingenhla: Abahlali baKwaThema bamasha bephikisana nokufika kwabantu kuleli ngokungemthetho.
Umthombo wesithombe: UNontokozo Gemani
