Kuqokwe umuntu wokuqala one-albinism ephalamende lase-Malawi

Everson Luhanga

Ngowezi-2014, i-Malawi yaba sematheni emhlabeni wonke ngenxa yokwanda kokubulawa kwabantu abane-albinism.

Kulandela ukungenelela kwabantu abaningi okuhlanganisa nomphakathi wamazwe ngamazwe, abantu abaphila ne-albinism bathole injabulo ngokuhlala ezweni elaziwa ngokuthi ‘Inhliziyo Efudumele yase-Afrika’, ngoba wonke umuntu ebabheka njengabalingana nabo emphakathini.

Elinye iqiniso elifakazela lokho yilungu lephalamende elikhethiwe u-Overstone Kondowe.

UKondowe weqembu elibusayo, i-Malawi Congress Party (i-MCP) umenyezelwe njengowinile okhethweni lokuchibiyela e-Nkhotakota North East Constituency ngoLwesithathu.

“Ngingachazwa njengomuntu othanda ukuvelela – yingakho ngibe nesibindi sokungenela umncintiswano,” kusho uKondowe etshela i-Guardian emzini wakhe enhlokodolobha, e-Lilongwe. “Kodwa ukunqoba kuwubufakazi obucacile bokuthi abantu bayakushintsha ukuphakama kwabo”.

UKondowe uthe: “Ziningi izinkolelo nezinkoleloze ezithinta abantu abane-albinism futhi sivame ukubukwa njengezakhamizi ezisezingeni lesibili noma abantu abambalwa, kodwa ngenxa yezinhlelo eziningi esizibekile, okuhlanganisa nemfundo yomphakathi, kulokhu. abantu bakwemukele ukungenela kwami ukhetho bengabuki ukuphila nesphiwo sami njengesithiyo, kodwa babebuka ukufaneleka.

“Kimina, kuyimpumelelo enkulu ngoba ngize ngawina ngamanani amakhulu,” kusho ilungu lePhalamende elisha.

Amarekhodi amaphoyisa akhombisa ukuthi ezinyangeni ezine ezedlule kube nezigameko eziyisikhombisa zokuhlaselwa kwabantu abane-albinism okubalwa kuzo ukubulawa, ukuzama ukuthumba nokuhlukunyezwa ngokomzimba. Ngokuhlukana, abaphangi bamathuna bayagubha ukuze bakhiphe izidumbu zabantu abangama-albino.

Izibalo zikhomba ukuthi kusukela ngowezi-2014, bangaphezu kwabayi-170 abantu  abangama-albino abahlaselwe e-Malawi ngenxa yezinkolelo ezingamanga zokuthi imithi exutshwe nezitho zemizimba yabo iletha inhlanhla nengcebo.

UMengameli we-Young Muhamba we-Association of Persons with Albinism in Malawi (i-APAM) uhalalisele uKondowe.

UMuhamba uthi ukukhethwa kukaKondowe ephalamende kuthumela umyalezo osobala wokuthi ama-albino ayalingana nabanye abantu base-Malawi.

UKondowe ubengumeluleki okhethekile kaMengameli uLazarus Chakwera kubantu abane-albinism nabakhubazekile ngaphambi kokuba afunge enhlokodolobha yase-Malawi, i-Lilongwe ngoLwesine.

Owayengungoti ozimele we-UN nge-albinism u-Ikponwosa Ero utshele i-AFP ukuthi ujabule ngokukhethwa kukaKondowe.

“Ukhetho luka-Overstone luyigxathu elikhulu ekuvikelweni kwamalungelo abantu abane-albinism e-Malawi nasesifundeni sase-Afrika yonkana,” esho.

“Kukhombisa ukuthi isimo sokucwasa siyashintsha siba ngcono kubantu abane-albinism e-Malawi”.

Izihloko zakamuva